WILLEM PHUNGULA
ISOLA ukudembesela kwamaphoyisa indoda yaseGamalakhe ePort Shepstone ngokungaboshwa kukathisha owayithatha umshwalense egameni layo maqede wayi’bulala’ iphila.
UMnuz Sibongiseni Madlala, osekhubazekile emva kokunqunywa umlenze ngo-2019 uthi ufikelwa yizinyembezi njalo uma ebuka ikhophi yepasi lakhe elinesigxivizo sokuthi sewashona.
Uthi okumenza afise nokuzibulala wukuthi akakwazi ukubhalisela impesheni yabakhubazekile ngenxa yokudembesela kwamaphoyisa ukubopha umsolwa, okungenza kuqaqeke izinto avuswe kwabafileyo bese ehola impesheni.
Elandisa Isolezwe ngoku'bulawa' kwakhe, uthi kwafika umakhelwane ngo-2011 wathi kuzoqashwa kwamasipala wendawo, makalethe ipasi ukuze ambhalise. UMadlala uthi ngonyaka olandelayo wacela ipasi lakhe kumakhelwane kodwa wamtshela ukuthi owesifazane owalithatha, okunguyena owayezomqasha kabasaxhumani naye kodwa usazama ukumthola. Nango- 2016 uthi ulifunile ipasi futhi kodwa umakhelwane wathi uthole ukuthi owesifazane owalithatha usashona.
"Ngesikhathi nginqunywa umlenze ngo-2019 ngiye eMnyangweni wezaseKhaya ngithi ngiyokwenza elisha, okuyilapho ngitshelwe khona ukuthi ngashona ngo-2013. Ngitshelwe ukuthi ngashona ngiseHarding, bangitshela futhi nomuntu owangibhalisa ukuthi ngishonile. Amaphoyisa afikile sawatshela konke, aya nakumsolwa kodwa asitshela ukuthi abukho ubufakazi," kusho uMadlala.
Uthe umndeni wakhe uyile kuthisha, wavuma konke washo nokuthi ipasi walithenga ngoR500 wabe esemthathela umshwalense kwaSanlam, kwathi emva kokuvuthwa wabe "useyambulala".
Umshana kaMadlala, uNksz Ntokozo Madlala uthi basola ukuthi icala licindezelwa ngamabomu ngoba bathole ukuthi umyeni kathisha uyiphoyisa esiteshini eMargate.
Uthe bavula icala ngo-2019 kodwa umphenyi uze wafika ngoMeyi ngonyaka odlule emva kokuba umndeni sewubike nguNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele. Uthe umseshi wagcina ngawo uMeyi ukuxhumana nawo lapho afika ekhaya ezobona umfowabo, waya nasemzini kamsolwa, wabuya wathi ubufakazi abukho wabe esehamba ijuba likaNowa.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Nqobile Gwala, uthe icala lisaphenywa kusalindwe imininingwane eMnyangweni wezaseKhaya. UMnuz Mncedisi Ndlovu oyiphini lenhloko yabaphenyi bamacala enkohlakalo eMnyangweni wezaseKhaya ePitoli, uthe noma bengenamvume yokukhuluma namaphephandaba kodwa uyakuqinisekisa ukuthi umphenyi wamaphoyisa bamnika konke okwakudingeka kubona ngakho-ke akulona iqiniso ukuthi kubambezele bona.
Attachments area