UKHALA ngenkampani ebizofaka amatshe avimbela udonga ukuthi lungawi owesifazane waseMlaza kwa-K, okhala ngokuthi ishiye iwise uthango lakwakhe, nepayipi elichithela amanzi egcekeni lakwakhe.
UNkk Gertrude Sethembile Mohlomi (63) uthi okubuhlungu ukuthi ngesikhathi kufakwa ipayipi elihambisa amanzi kwabe sekuwiswa nodonga lokubiyela umuzi wakhe.
“Ngenkathi ifika le nkampani yathi izolungisa bese ibuyisela yonke into ngendlela uma isiqede ukufaka amatshe okubamba udonga, ama-G locks. Manje sekuphele amasonto amabili bangenzi lutho, ngizwa kuthiwa ophethe le nkampani utshele abasebenzi ukuthi abayeke ngoba imali ayikho,” kulandisa uNkk Mohlomi.
Uthe kwaqala kwafika abakwamasipala bezobheka indawo, bakhala ngokuthi inamanzi kakhulu futhi bazoze bagule babe ne-sinus. Uthi emuva kwalokho, kube sekufika le nkampani.
“Baqale ngoMeyi, bafaka ama-G locks base besusa ucingo lwami, bafaka ipayipi elikhiphela amanzi kwami, bawisa nenhlabathi njengoba kunje la egcekeni,” kubeka uNkk Mohlomi.
Uqhube wathi wazama ngeSonto ukuxhumana nekhansela kodwa ucingo belukhala lungabanjwa.
Umakhelwane ongenhla kwakaNkk Mohlomi, uNksz Dorin Sosibo (68), uthe uyasaba ngoba njengoba kuguguleke umhlabathi kanje uma liqhubeka lina izindlu zabo zingawa.
“Besibambe moya ngeledlule ngesikhathi kuna imvula, besijabula ukuthi sizolungiselwa kodwa manje asisazi ukuthi senzenjani,” kuchaza uNksz Sosibo.
Uqhube wathi babhalisela ukuthi bafakelwe ama-G locks, manje sekuyaxaka uma sebethi angeke besaqhubeka nomsebenzi njengoba basusa nezihlahla zobhanana ebezikhona.
Ikhansela lakule ndawo elingafunanga ukuzisho, nebelibhodla umlilo ngenkathi lithintwa Isolezwe lithe: “Umuntu owaqashwa umasipala ukuthi afake ama-G locks wawenza kahle umsebenzi wakhe, laba bantu abakutshele lolu daba, bahubhuza amanga. Nawe uma ulifaka uyobe ubhala amanga, futhi akekho umuntu wakwaMohlomi kule ndawo, ngiyabazi abantu balana mina.”
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe udaba olufana nalolu belungakafiki kubona kodwa bazokwenza uphenyo.