BEBEKE babonakale ndawonye kweminye imicimbi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu noNksz Nqobile Cele okuthiwa uyabalisa ngokulaxazwa Isithombe: FACEBOOK/NQOBILE KAMAGAYE NDOSI BEBEKE babonakale ndawonye kweminye imicimbi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu noNksz Nqobile Cele okuthiwa uyabalisa ngokulaxazwa Isithombe: FACEBOOK/NQOBILE KAMAGAYE NDOSI
KUTHIWA akasabuthi quthu ubuthongo owesifazane ebalisa ngokulaxazwa ngemizuzu yokugcina nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, njengoba eseganwa uNksz Zodwa Khoza.
UMchunu ubehlanganiswa ngokosiko laKwaShembe ngeledlule noNksz Khoza.
Abasondelene noNksz Nqobile Cele (30), ongunobhala wegatsha ku-ward 27 eThekwini, bathi usaba ngisho ukuphumela emnyango ngendlela aphoxeke ngayo.
Umthombo osondelene noNksz Cele uthe ubesethandane noMchunu iminyaka engu-9, futhi esemthembisile nokuthi uzomenza inkosikazi njengoba eshonelwe ngunkosikazi ngo-2016.
Umthombo uqhube wathi uNksz Cele akasaphumi ngisho endlini ngenxa yokusaba ukuhlekwa ngabangani.
Umthombo uthe bancane abengazi kwi-ANC, KwaZulu-Natal ukuthi uMchunu uthandana noNksz Cele kanti bekubhekwe ukuthi uma eseganwa uMchunu athathe yena ngoba sebenesikhathi eside bathandana.
Kuthiwa bebengafihli ukuthi bayathandana.
“Ngisho eflethini likaNqobile eMorningside, uMchunu ubefika engazifihlile emvakashele. Ubejwayele ukufika ngemoto emnyama ehamba yedwa noma ngeMercedez Benz yakhe, le ayikhonzile. Sonke sishaqekile sekuvela uMaKhoza (uNksz Zodwa). Yonke into ibihamba kahle phakathi kukaNqobile noMchunu futhi (uMchunu) ubemthembisa uNqobile ukuthi uzomthatha,” kusho umthombo.
Ethintwa uNksz Cele ngalolu daba ubuze ukuthi kungani kuzomele aluxoxe nentatheli lolu daba.
“Uma eshadelwe ngomunye umuntu uMchunu, wena ungena kuphi lapho? Angisiboni nesidingo sokuthi lolu daba ngiluxoxe nabezindaba,” kusho uNksz Cele evala ucingo.
Omunye umthombo uveze ukuthi uNksz Cele, uke wazama ukuxhumana noMchunu ngeledlule ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi uzoshadelwa wuMaKhoza.
“Kuyona yonke imizamo kaNqobile yokuthola izimpendulo kuMchunu ayiphumelelanga. UMchunu useyamziba uNqobile. Akalubambi ucingo lwakhe, futhi akayiphenduli nemiyalezo amthumelela yona. Kuyacaca ukuthi uMchunu useyambalekela uNqobile ngoba uyalazi iqiniso,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi enye ingcindezi ebhekene noNksz Cele, eqhamuka kumalungu e-ANC aziyo ukuthi uyena obekungenzeka abe ngunkosikazi kaMchunu.
“Iningi lamalungu e-ANC ayamfonela uNqobile efuna ukwazi ukuthi kwenzekani. Naye akazi uzowaphendula athini ngoba akanazo izimpendulo. Amanye ambuza ukuthi usamukela kanjani lesi simo okuyinto eyenza asabe ukuhlangana nabantu,” kusho umthombo.
Ethintwa uMchunu uthe akathandi ukukhuluma izindaba zakhe.
“Nawe uyazi ukuthi bengingasenayo inkosikazi. Ngimemezelile ngesonto eledlule ukuthi ngiyaganwa futhi akukho engizokuphawula okudlula lapho. Uma kukhona owesifazane okhalayo, bekumele axhumane nami. Angikaze ngisithole isikhalo esiqhamuka kowesifazane ngokuganwa kwami. Uma kungathiwa ngilalela izikhalo zabesifazane, kusho ukuthi baningi engingalalela izikhalo zabo ngoba abantu bahlale bekhala,” kusho uMchunu.
Uthe ucela ukuhlonishwa njengoba esethathe isinqumo sokuthi uyaganwa, futhi akahlangene nonenkinga ngalokho. Uphethe ngokuthi ucela ukungahlushwa, wathi akafuni nokwazi ukuthi ungubani yena lo wesifazane okhalayo.