Izindaba

Ukhahlele esebheyili esaba ulaka lomphakathi ‘obulale’ ingane (7)

Khulekani Maseko|Published

UMNUZ Nkanyiso Hadebe Isithombe: SITHUNYELWE

UMSOLWA unqume ukungasifaki isicelo sebheyili ecaleni lokudlwengula nokubulala umfundi oneminyaka eyisikhombisa, evele eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe, izolo.

UMnuz Nkanyiso Hadebe (27) ubevele enkantolo kulandela isehlo esishiye amalungu omphakathi ewotha ubomvu, sokubulawa ngesihluku kukaVamisile Nyawose (7) obefunda uGrade 2 esikoleni samabanga aphansi Esibanini, eMthwalume, isidumbu sakhe esitholwe siphonswe eweni ngoMsombuluko ekuseni.

UVamisile kuthiwa ubegcine ukubonakala nomsolwa okuthiwa ubenikezwe wumndeni itoho lokumba umgodi wethoyilethi. Kuthe uma ingane ithunywa wunina i-airtime esitolo, kukholakala ukuthi umsolwa uyilandelile wayiyengela ophathe. Kuthiwa nguyena okhombise amaphoyisa isidumbu sikamgilwa lapho besilahlwe khona.

Inkantolo ilihlehlisele uMashi 22 icala, ukuze kwenziwe uphenyo emva kokuthi umsolwa enqume ukungasifaki isicelo sebheyili okukholakala ukuthi usaba ulaka lomphakathi.

UVamisile ungenye yezingane okubikwe ngazo, ezibulewe ngesihluku KwaZulu-Natal, selokhu kuqale unyaka njengoba ngoJanuwari kutholwe isidumbu sikaSenamile “Aphula” Sphengane (6) sisontwe intamo salahlwa esikhotheni eMayville kanti izicubu okukholakala ukuthi ngezesidumbu sikaPhilasande Shange (7) waNtshawini, KwaDukuza, zisaduve emakhazeni emva kokuthi zitholakale mancozu kulandela ukuduka kwakhe ethunywe wumakhelwane esitolo.