IZIHLATHI zizovakashela izindlebe kubantu baseNingizimu Afrika emuva kokuthi umphathi weBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (SARB), uMnuz Lesetja Kganyago ehlise i-repo rate ngo-100 basis point (1%).
I-repo rate yinzalo ekhokhwa ngamabhange uma eboleke imali kwiSARB kanti wona abe esekhokhisa abantu inzalo ebizwa nge-interest rate esizoba wu-8.75%.
UKganyago uthe ukubheduka kweCoronavirus kwenze babona kungcono ukuthi bayehlise i-repo rate ukuze kuthuthuke umnotho olengela kwinzikamnotho.
Uthe kulo nyaka balindele ukuthi umnotho ukhule ngo-0.2% bese ngozayo ukhule ngo-1.0% kuthi ngo-2022 ukhule ngo-1.6%.
UMnuz Mfundo Mabaso, obhekelele iHome Finance eFNB, uthe uma umuntu ebekhokha inzalo ka-10% esikweletini sakhe sendlu kusho ukuthi manje inzalo azoyikhokha isizoba wu-9%.
“Uma ukhokha uR500 000 kwibhondi yakho yeminyaka ewu-20 bese inzalo yakho ibe wu-10% kusho ukuthi ukhokha uR4 825 njalo ngenyanga. Emuva kwalesi simemezelo inzalo yakho isizoba wu-9% okusho ukuthi usuzokhokha uR4 499 ngenyanga. Uzokonga uR326,” kusho uMabaso.
Uthe uma umuntu onomuzi kaR500 000 eqhubeka nokukhokha uR4 825 ngenyanga, uzonciphisa iminyaka yokukhokhela ibhondi ngeminyaka emibili isuke ku-20 iye ku-18.
USolwazi Bonke Dumisa uthe yizindaba ezimnandi kubathengi lezi ngoba kuzokwehla izikweletu zezindlu kulabo abanama-bond inzalo abayikhokhayo eyehla yenyuke ihambisana nokuthi ithini i-repo rate ngaleso sikhathi.
Kuzokwehla nezikweletu zezimoto nezemali ebolekwe emabhange.
Ugqugquzele abantu ukuthi basebenzise lesi sikhathi ukukhokhela izikweleti zabo bayeke ukuthenga izinto ezingenasidingo nokuphoqa abamatekisi ukuthi behlise imali yokugibela.
Inkosi Mzamo Buthelezi ekhulumela i-IFP kwezomnotho, ithe iyakwamukela ukwehliswa kwe-repo rate ngo-100 basis points ngoba lokhu kusho ukuthuthukiswa komnotho.
“Abantu bazosala nenkece emaphaketheni abazokwazi ukuyisebenzisela ukuthenga izinto ezehlukene. Kubalulekile ukuthi wonke umuntu abe neqhaza ekuthuthukiseni umnotho,” kusho uButhelezi.