UMCULI we-Afro Soul, uKelly Khumalo nodadewabo uZandile basolwa ngokuvakashela isangoma ngemuva kwamahora ambalwa kudutshulwe kwabulawa owayengunozinti we-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa eVosloorus, eGoli, ngo-2014.
Kuthiwa uKelly nodadewabo bavakashela isangoma esihlala eduzane, bacela ukuhlanzwa. Kubikwa ukuthi ngemuva kwensuku ezimbalwa unina kaKelly, uGladness, naye wavakashela lomuzi wesangoma ephelezelwa uZandile nowayeyisoka lakhe uLongwe Twala. Kuthiwa uTwala watshela isangoma ukuthi uyahluleka ukulala ebusuku ngenxa yokuklinywa umuntu oseshonile.
Lokhu kuvela kwisitatimende esifungelwe esathunyelwa isangoma emaphoyiseni. Iphephandaba iSunday Independent liyibonile lencwadi efungelwe, eyabhalwa ngoJanuari 20, 2015. Igama lesangoma ligodliwe ngenxa yokusabela impilo yaso.
Ngesonto eledlule, kuvele ukuthi uMeyiwa wadutshulwa ngumuntu owayengaphakathi endlini ngesikhathi ezama ukulamula uZandi, nesoka lakhe uLongwe Twala.
Isangoma siveze ukuthi sanqaba ukuhlanza uTwala ngaphandle kwabazali bakhe kodwa wamsiza ngemuva kokuba unina kaKelly emncengelile.
Isangoma sabhala ukuthi uKelly wabuya nembuzi ngoJanuari 2015 ezokwenza umcimbi wokuhlanzwa njengoba wayebona izinto zimbhedela. Kubikwa ukuthi nezingane zikaKelly ezimbili nazo zahlanzwa.
Isangoma satshela uLongwe ukuthi ulandelwa yisithunzi somuntu oshonile. Kuthiwa uLongwe waphendula ngokuthi asigcini nje ngokumlandela kodwa uklinywa umuntu oseshonile ebusuku futhi ubuzwa ngendaba ubuthongo.
Ebuzwa ngalolu daba, uKelly uphendule kuWhatsApp. “Kungani ungabhali lodoti njengoba kade ubhala sonke lesi sikhathi. Uphinde ungibuze lodoti wakho, yazi ukuthi uma sekuphelile konke lokhu bayeza abameli bami. Angikusabisi kodwa ngiyakuthembisa," kuphendula yena.
UZandile noTwala abatholakalanga ukuphawula.
UKelly, Zandile, Gladness noTwala nabanye ababekhona endaweni yesigameko batshela amaphoyisa ukuthi uMeyiwa wadutshulwa amadoda amathathu ayezobamba inkunzi. Akukaboshwa muntu ngokubulawa kukaMeyiwa. Kusolwa amaphoyisa ngokugxambukela kulolu phenyo.
Iphoyisa elalikhona endaweni yesigameko lisole owayeyisikhulu samaHawks eGauteng, uMajor-General Shadrack Sibiya, ngokugxambukela kuphenyo.
Leli phoyisa libikele iSunday Independent ukuthi uSibiya wafika emzini wakwaKhumalo eVosloorus, yize uphenyo laludinga amaphoyisa, hhayi oKlebe. Kuthiwa uSibiya watshela amaphoyisa ukuthi engababuzi ofakazi, evala ngokuthi bakhathele futhi basathukile.
BUKA:
ISunday Independent isithole ukuthi izitatimende zababesendlini zathathwa ngoNovemba 6, 2014, ngemuva kwezinsuku ezilishumi kushone uMeyiwa.
Ngomgqibelo, uSibiya uyivumile eyokuvakashela umuzi wakwaKhumalo kodwa waphika ukugxambukela kuphenyo.
USibiya uthe wathola ucingo kwiPhini likakhomishana wamaphoyisa uMajor-General Tebello Mosikili mayelana nokubulawa kukaMeyiwa. USibiya uveze ukuthi oKlebe bayaba yingxenye yophenyo lwamacala aphezulu.
“Kwakumele ngibe yingxenye yethimba eliphenyayo. Engingakusho ukuthi abanye ofakazi babekhala. Ukuthatha isitatimende kumuntu osuke ekhala noma ongazizwa kahle kuyingozi ngoba bakhuluma izinto ezingahlangani. Angikhumbuli ngitshela abantu ukuthi bangawenzi umsebenzi wabo, ikakhulukazi ngoba isinqumo esakhishwa sacacisa ukuthi uphenyo luzokwenziwa abaseshi abanesipiliyoni,” kuchaza uSibiya.
USibiya uveze ukuthi wafonelwa uSello “Chicco” Twala, uyise kaLongwe, ecela ukuhlangana naye noma ithimba labaseshi.
USibiya wahlela umhlangano phakathi kwabaseshi noSello njengoba yena wayengeyona ingxenye yophenyo. USibiya ukhalaze ngokuhudulwa kwegama lakhe kuleli cala, waveza nokuthi akazange acelwe isitatimende ngokwenzeka ekwaMeyiwa.
FUNDA:
Ngeledlule iSunday Independent ibike ukuthi umseshi ophambili kulolu phenyo, uColonel Bongani Gininda, ubekwe icala njengoba esolwa ngokunqaba nesitatimende esibalulekile sikaMnuz Edward Hlophe, ongusibali kaMeyiwa. UHlophe waveza ukuthi omunye wabantu ababengaphakathi emzini kwaKhumalo, yibona ababulala uMeyiwa.
Oyisikhulu kwiNational Prosecuting Authority ngeSonto eledlule uveze ukuthi uGininda wasifaka isitatimende sikaHlophe kwifayela lakhe, kodwa wangabakhombisa ozakwabo ngesizathu sokungathembani kwabaseshi abasebenza kulolu phenyo.
Imithombo emaphoyiseni iveze ukuthi bekukhona ukuhlukana phakathi kwithimba labaphenyi. Kubikwa ukuthi elinye ithimba belibika kuNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele. Elinye ithimba belibika kuMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Khehla Sitole.
“Labo ababika kuBheki Cele bayanqaba ukuhlangana noGeneral Sitole, noma ukudalula ulwazi abanalo ngaleli cala,” kusho iphoyisa eliwumthombo.