UMMELI kaKelly Khumalo, uNkk Magdalene Moonsamy, usephumele obala mayelana nokuba nzima kwempilo yakhe neyomndeni kusukela ngoMeyi nyakenye ngenxa yokumela lo mculi.
UNkk Moonsamy ukusho lokhu ngesikhathi exoxa neSolezwe kulandela ingxoxo uKelly abe nayo nesiteshi sezindaba sethelevishini esikhokhelwayo ngoMsombuluko lapho edalule khona ukuthi yena, nommeli wakhe bayasatshiswa.
UNkk Moonsamy uthe yena, umndeni wakhe noKelly bagcine bephoqeleka ukuba baqinise ezokuphepha ukuze bavikeleke ngoba nokukhala kwabo kwabezomthetho akuzange kubatholele usizo abaludingayo.
Uthe kusukela ngoMeyi benoKelly bebethola izingcingo ezibayalela ukuthi benze izinto ezithile, athe akakulungele ukuzidalula ngenxa yobucayi bazo njengoba kunecala eliqulwayo enkantolo.
“Lezi zingcingo bezivela kubantu esibaziyo nesingabazi, besitshela izinto okufanele sizenze, bethi impilo yethu izoba sengcupheni kangakanani uma singafuni ukulalela nokwenza abakushoyo,” kusho uNkk Moonsamy.
Uthe lokhu kuwudaba abalubikile ezinhlakeni zomthetho, ngethemba lokuthi bazobuthola ubulungiswa kodwa lutho.
“Siyibikele inkantolo sawabikela namaphoyisa ngazo zonke izinsongo esizitholayo, esisazithola namanje. Oyedwa wabo siyamazi kodwa laba abanye asibazi. Asikwazi ukuveza igama lakhe njengamanje,” kusho uNkk Moonsamy.
Uthe balindele ukuthi ezomthetho zakule lizwe zisebenze kulolu daba.
“Esikwenzile okwamanje ngukuqinisa ezokuphepha emakhaya ethu ukuqinisekisa ukuthi thina nemindeni yethu siphephile. Yize impilo yethu isengcupheni kodwa asibavumeli abasisabisayo ukuthi balawule impilo yethu,” kusho uNkk Moonsamy.
Ngesikhathi exoxa nesiteshi sethelevishini uKelly uthe akumgculisi ukusebenza kwezomthetho eNingizimu Afrika.
Uthe ukusho lokhu ngoba kuke kwaba khona isikhathi lapho yena, umndeni wakhe nommeli wakhe uNkk Moonsamy bezizwe bengaphephile.
“Lapho engizizwe khona ukuthi umoya wami ushona phansi yingesikhathi ngizwa sengathi umthetho uyangiyekelela. Bengilindele ukuthi umthetho ungivikele kodwa wehluleka. Umthetho wakuleli ungenze ngazizwa sengathi anginalo ilungelo lokuthi ngivikelwe,” kusho uKelly.
UKelly ongunina wengane yowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, kuvela ukuthi kunedokodo lesibili elake laba khona elibeka yena nabanye ababesendlini ngosuku lokubulawa kukaMeyiwa njengabasolwa, nencwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe yiNational Prosecuting Authority eyathi akunasisindo.
UNkk Moonsamy uthe uzohlanganisa bonke ubufakazi kanti noKelly uthe uselinde usuku lwakhe enkantolo.