ISIPHALAPHALA somculi esihlale sisezindabeni ngezigigaba ezehlukene, uKelly Khumalo, sithi sesikwenze konke okusemandleni ukulekelela amaphoyisa ngolwazi esinalo ngokubulawa kowayeyisoka laso uSenzo Meyiwa.
UKelly uthi uxakekile ukuthi amaphoyisa ahlulwa yini ukuthola umbulali kukhona isigqoko esasala kubabulali, amanyela nokunye endaweni yesehlakalo.
“Kuyangikhathaza ukulinda ukuboshwa kwalezi zigebengu....ngiyaxakeka nokuthi kungani namanje abantu besakhomba mina bethi angikhulume iqiniso,” kusho uKelly ekhuluma ohlelweni lwethelevishini i-eNCA ngoLwesihlanu odlule.
Yize sekuphele iminyaka emihlanu, uthe kusenzima ukudlulusa nokuxola. Uthi ukulinda iminyaka kungenzeki lutho ngecala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti kuyamgqilaza naye.
Ukubekwa izici nokusolwa ngokuthi kunolwazi alugodlile ngaleli cala, uthi kumphatha kabi naye ngoba wawanika konke amaphoyisa imininingwane zisuka.
Uze wathi usesola nokuthi kungenzeka ukuthi yizimfamona ezenza lokhu.
“Ngikwenze konke okusemandleni ami kodwa kusekhona abantu bathi angibatshele ukuthi wubani owabulala uSenzo.
“Angibazi laba bantu abagasela endlini. Ngabe sengishilo ukube ngiyabazi. Ngiyikhiphe yonke imininingwane ebalulekile amaphoyisa angayisebenzisa ukubamba abasolwa.
"Bonke ofakazi ababekhona sebakhipha ubufakazi babo. Okunye sekungaphezulu kwamandla ami,” kusho uKelly.
Eqhuba uveze ukuthi konke okwenzeka akwenzi mqondo, usalokhu ezibuza eziphendula ukuthi kungani uSenzo abulawa ngoba wayethandwa kakhulu.
UKelly uthi kuhlale kudlala ifilimu yezinto ezenzeka ngalolu suku lokubulawa kukaSenzo ngoba akekho ongalwanga nezigilamkhuba.
“Sasingalimala nathi kodwa salwa nabo, kwakunabantu abangu-9 endlini. Laba abantu bangena befuna amafoni nemali, ngazitshela ukuthi yihlaya ngeke sihlulwe abantu ababili siwu-7. Ngalwa, umama walwa, abangani ababesendlini noSenzo balwa, naye walwa,” kusho uKelly.
UKelly uphinde wakuveza nokuthi uthukuthele ngendlela okuphenywa ngayo leli cala. Noma azi ukuthi amaphoyisa awalali ezama ukubamba izigelekeqe kodwa ubona sengathi awalandeli umkhondo ngendlela efanele.
Ubhoboka ngakho konke lokhu ubeyokhuluma ngomucu wakhe omusha othi Ngiyazithandela.
Lo mucu uKelly uthi ukhuluma ngothando nokuthandana kwakhe nalo mlisa angakazimiseli ukumdalula okwamanje.
Uveza lokhu nje kusabalwa amasonto kuvele izindaba
zokuthi uhlukene nesithandwa sakhe ebesanda kusithola uChad da Don.
Ephetha uveze ukuthi umculo wakhe wenza kahle kakhulu okubalwa nengoma yakhe ethandwayo ethi Jehovah, kanti unanezinhlelo zokuhlanganisa kabusha i-albhamu endala anezezele ngezingoma ezintsha.