I-ANC KwaZulu-Natal ithi isaluxoxa udaba lokuthi ngubani ozovala isikhala sikaMnuz Mxolisi Kaunda onguNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni emva kokuphakanyiswa esikhundleni sobumeya eMkhandlwini weTheku.
Kodwa Isolezwe lithole ngemithombo yalo ukuthi ongase avale isikhala uMnuz Ricardo Mthembu ongumkhulumeli we-ANC esifundazweni. Ngaphambi kokuthi abe ngumkhulumeli wayo ubeyimeya yaKwaDukuza.
Esithangamini sabezindaba eThekwini izolo, i-ANC imemezele ukuthi iphakamisa uKaunda ukuvala isikhala sikaNkk Zandile Gumede okhonjwe indlela.
KwesePhini leMeya iphakamisa uNkk Belinda Scott oke waba nguNgqongqoshe weziMali eKZN.
UKhongolose umemezele ukuthi uphakamisa igama likaMnuz Mzimkhulu Thobela kwesemeya yaseMsunduzi, ozongena endaweni kaMnuz Themba Njilo obeyiMeya okhonjwe indlela.
UNobhala we-ANC eKZN, uMnuz Mdumiseni Ntuli uthe isigungu esibhekele ukusebenza kwansuku zonke senhlangano, iProvincial Working Committee (PWC) sihlangana kabili enyangeni ngokugunyazwa umthethosisekelo weqembu, lapho sicubungule izinqumo ezithathwe iProvicial Executive Committee.
“Ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule, sabika kubantu baKwaZulu-Natal ukuthi iPEC ngemuva kokubuka isimo somasipala, ibe isinquma ukwenza izinguquko ebuholini baseThekwini naseMsunduzi,” kusho uNtuli.
Uthe bafinyelele ekwenzeni izinguquko ngoba bezibophezele ekuthuthukiseni indlela okuhanjiswa ngayo izidingo komasipala ababili ababalulekile futhi abayizizinda zomnotho eKZN.
“Ubuholi besifundazwe bubumbene ekutheni inhlangano yasungulelwa ukuthi isize abantu futhi abaholi bayo bayizisebenzi zomphakathi, silindeleke ukuthi sisebenzele umphakathi,” kusho uNtuli.
Uthe babize isithangami sabezindaba ukuze bamemezele abesilisa nabesifazane abanamava ekuthatheni labo masipala babayise phambili.
”Ubuholi besifundazwe bunxusa izakhamizi zaseMsunduzi naseThekwini ukuba ziseke ubuholi obusha futhi zisebenzisane nabo ukwenza isiqiniseko sokuthi bayaphumelela emsebenzini wabo,” kusho uNtuli.
Uthe emhlanganweni ozayo wamakhansela omkhandlu aseMsunduzi bazophakamisa igama likaThobela kwesobumeya, uMnuz Manilal Inderjit kwesePhini leMeya, uNkk Eunice Majola kwesikaSomlomo noMnuz Vusi Ntshangase kwesikaSotshwebhu.
UNtuli uthe eThekwini baphakamise uKaunda kwesobumeya, kwesePhini leMeya bafaka uNkk Scott, kwesikaSomlomo uNkk Weziwe Thusi, kwesikaSotshwebhu baphakamisa uMnuz Sbongiseni Mkhize.
USihlalo we-ANC eKZN, uMnuz Sihle Zikalala uthe abebengamakhansela behlala kwi-Exco kubalwa noNkk Gumede manje sebezoba ngamakhansela ajwayelekile.
Uthe akekho umuntu ozojutshwa ngaphandle kukamasipala abesebenza kuwona.
“Sinxusa ukuthi lawa maqabane abekwi-Exco asize lawo afikayo ekwenzeni umsebenzi wokuhanjiswa kwezidingo kubantu,” kusho uZikalala.
Uthe balindele ukuthi amaqabane amasha asheshe angene egiyeni ngoba anamava.
UZikalala uthe kabalindele ukuthi abehlisiwe ezikhundleni babaphonsele inselelo njengeqembu.
IPhini likaSihlalo we-ANC esifundazweni, uMnuz Mike Mabuyakhulu lithe abasuke besizikhundleni basuke bethunywe i-ANC, yiyona futhi enamandla ukubakhipha.
UNtuli uveze ukuthi baphakamise uMnuz Zamo Nxumalo esikhundleni sobumeya eHarry Gwala.
Uthe basaluxoxa udaba lokuthi ngubani ozoba imeya yakwaDukuza nakuMasipala Ugu.
Umlando omfishane ngabaqokelwe kwesobumeya eMsunduzi naseHarry Gwala:
UThobela oqokelwe kwesobuMeya eMsunduzi, ubesebenza esiShayamthetho futhi uyilungu lesigungu sesikhashana saseMoses Mabhida. Uke wabe yikhansela eliyilungu le-Exco.
UNxumalo ophakanyiselwe kwesobuMeya eHarry Gwala ubeyiMeya kaMasipala uBuhlebezwe futhi enguSihlalo we-ANC esifundeni iHarry Gwala.