IZOQHUBEKA nokuya enkantolo iDA eThekwini, uma inomuzwa wokuthi kukhona ukuphulwa komthetho kuMasipala weTheku.
Isho kanje izikhotha amanxeba ngemva kokuchithwa kwesicelo sayo yiNkantolo eNkulu eThekwini ngoLwesithathu.
Ibifuna kuthathwe njengento engekho emthethweni ukuhlala komhlangano wangoMeyi 29 wesabelomali sikaR49 billion.
Lo mhlangano wawenziwe kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje uvezwa ezinkundleni zokuxhumana.
Amakhansela eDA, ikakhulu umholi wayo eThekiwini, uNksz Nicole Graham, akhala ngokuthi kwakuvalwa ama-microphones awo angezwakali uma ekhuluma kulo mhlangano.
USotswebhu weDA emkhandlwini weTheku, uMnuz Thabani Mthethwa, uthe bayasihlonipha isinqumo senkantolo ngoba bayiqembu eliwuhloniphayo umthetho.
UMthethwa uthe okwabayisa enkantolo wumuzwa wokuthi awuqhutshwanga ngendlela efanele umhlangano.
“UMkhandlu wazivumela ngokwawo ukuthi lwalunobuhixihixi uhlelo olwalusetshenziswa kulo mhlangano. Kwaholela ekutheni siye enkantolo ngoba kwakuwumhlangano obalulekile wesabelomali esancishwa kuwo ithuba lokubeka umbono wethu. Sisazoya enkantolo uma kunokuphulwa komthetho wumkhandlu,” kusho uMthethwa.
UMthethwa uthe iDA iyiqembu elikhulu eliphikisayo eThekwini ngakho iyakuqonda ukuthi i-ANC ayikhululeki uma izwakalisa imizwa yayo.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, isamukele isinqumo senkantolo yathi sifundise iDA isifundo sokuthi kumele izihloniphe izinqumo zangaphakathi emkhandlwini kunokuthi igjimele ezinkantolo.
UKaunda uchaze isinqumo senkantolo ngokuthi siwukunqoba kwezakhamuzi zaseThekwini.
“Isinqumo sivuna uMkhandlu ukuze ukwazi ukuqhubeka nokwethula izinhlelo zentuthuko. Siveze obala ukuthi iDA ayinendaba kangakanani nabampofu. Okuxaka kakhulu wukuthi ikhethe ukuya enkantolo iyomisa ukuhlinzekwa kwabantu ngezidingongqangi ngesikhathi esinzima kangaka seCovid-19,” kusho uKaunda.
Inkantolo inqume ukuthi iDA ikhokhe izindleko zecala yathi uSomlomo, uNkk Weziwe Thusi, wawusingatha ngendlela esemthethweni lo mhlangano.