Izindaba

UJomo Sibiya eHhovisi likaMengameli

Sizwe Blose|Published

UJOMO Sibiya uqokelwe esikhundleni esiphezu ISITHOMBE: Nqobile Mbonambi African News Agency (ANA)

OKE waba ungqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu neMisebenzi kaHulumeni, uMnuz Ntuthuko “Jomo” Sibiya useqokwe njengomeluleki kaMengameli Cyril Ramaphosa.

UJomo owaziwa kakhulu ngokuzikhandla emsebenzini wakhe washiya isikhundla sokuba ngungqongqoshe kungazelele muntu, futhi kungaziwa ukuthi uyaphi njengoba esevumbuka eHhovisi likaMengameli.

Uke wakha umuzi wasebenzisa izimbongolo ngoba ungekho umgwaqo. Ubephinde abe neso uma kunomuzi akholelwa ukuthi owabantu abahlwempu, ubevele amise asebenzisana nabo emnyangweni wakhe athi akuyiwe khona ukuze alekelele.

Ubesezakhele udumo kubantu abaningi ikakhulukazi nasemnyangweni wakhe ngenxa yothando lo msebenzi wakhe. Ubephinde athandelwe ukungenelela ngokushesha.

Ubekugxeka kakhulu ukuthi izakhiwo eziningi eKZN akuzona ezabantu abamnyama.

UJOMO Sibiya uqokelwe esikhundleni esiphezulu ISITHOMBE: Doctor Ngcobo/African News Agency (ANA)

Isolezwe Online lithinta uJomo, uthe uthukile kodwa uzizwa ethobekile. “Ngizisukela eNquthu angifuni ukuqamba amanga, lokhu kukhulu kakhulu, ngicabanga ukuthi nengane ekhulele emakhaya iyabona ukuthi akukho okungeke kwenzeke,”kusho uJomo ngamafuphi.