Izindaba

Ujatshuliswa wukusiza abafundi okhule kanzima

Zimbili Vilakazi|Published

ABAFUNDI baseMnawe Primary School abanikwe umnikelo womfaniswano wesikole Isithombe: SITHUNYELWE

USIZI adlule kulo esafunda isikole yilo olwenze uMnuz Walter Ngcobo, obengusomatekisi waseMaqadini, KwaMaphumulo, asungule umkhankaso wokubuyisela emphakathini emva kokushiya embonini.

UNgcobo usanda kunikela ngomfaniswano wesikole kubo bonke abafundi bakwaGrade 1 eMnawe Primary, okuyisikole asakha ngephakethe lakhe ngo-1998.

Ekhuluma neSolezwe, uNgcobo uthe umnikelo womfaniswano usuka ephaketheni lakhe.

“Ngizizwe ngijabule ngesikhathi ngibona abantwana nabazali bewujabulela umnikelo. Injabulo ebibhalwe ebusweni ngesikhathi bemukeliswa umfaniswano ingishiye ngijabule nami ngoba ngibone kufezeka iphupho lami ebengilokhu nginalo isikhathi eside ukuthi ngibuyisele emphakathini,” kusho uNgcobo.

Uphinde waveza nokuthi akagcinanga nje kuphela ngokunikela ngomfaniswano wesikole kodwa ubuye wanikela nangezingubo zokugqoka kulabo bafundi ebebezidinga kanti futhi kusuka ngo-2019 wakwenza kwaba umsebenzi wakhe ukuthi ahlanze isikole njalo uma kuqala unyaka.

Ebuyela emuva mayelana nokwakha kwakhe isikole, uthe wasukunyiswa umcabango webanga elide ayelihamba yena ngesikhathi esafunda, nathe wayengafuni ukuthi abafundi bendawo bezwe okufanayo.

“Ngasakha emva kokubona ukuthi azikho izikole eziseduze emphakathini wethu. Kwamina ngangihamba amabanga amade ukuze ngifike esikoleni esiseduze. Ngikhumbula ukuthi ngangisuka ngo-4 ekuseni ekhaya ukuze ngifike esikoleni ngo-7.

“Ngokwakha kwami isikole ngangifuna ukuthi izingane zasendaweni yethu zingadluli kulokhu engadlula kukhona mina,” kusho uNgcobo.

Uthe abaningi ayefunda nabo, nalabo ababeza emva kwakhe, baze badikibala, bashiya phansi isikole ngoba zazingekho ezinye izindlela zokuthi abazali babo beze izaba zokuthi basheshe bafike esikoleni.

Uthe uhlela ukuthi aqhubeke nalo mkhankaso asewuqalile kulesi sikole, kuhlomule nabafundi bamanye amabanga, aphinde adlulele kwezinye izikole zendawo afunda kuzo.