INHLANGANO yodokotela ithi uhulumeni wehlulekile ukufundisa abantu ngemigomo yeCovid-19.
IPhini likaMengameli weSouth African Medical Association (Sama), uDkt Mvuyisi Mzukwa, lithe njengamanje kusagonywe ikota yabantu bakuleli kodwa nabo labo bantu, abanye babo akubona abantu abasemqoka, okumele ngabe kuqalwe ngabo ukugoma ngoba bangaba sengozini yokuthi uma bethola leli gciwane bazogula kakhulu noma bashone.
"Njengamanje uhulumeni uhlongoza ukuthi uhehe abangakagomi ngokubaklomelisa ngezinto ezithile ukuze bagome. Lokhu bekumele ngabe kulandela ukufundiswa kabanzi kwabantu ngemigomo. Uhulumeni bekumele enze imikhankaso yokufundisa abantu ngemigomo, kugxilwe kakhulu kubantu abaneminyaka engu-40 kuya phezulu okuyibo abasengcupheni yokuthi bagule kakhulu uma bethole iCovid-19. Njengamanje isibalo sabagomile senyuke ngoba sekukhona nabaneminyaka engu-18 kuya ku-34 okungabantu abangekho engozini enkulu. Kubukeka sengathi njengamanje sikhuphula izinombolo nje asibheki ukuthi ngabe kugonywa abantu abafanele yini," kusho yena.
Ukuklonyeliswa kwabantu uma begomile akuyona into eyenziwa kuleli lizwe kuphela, maningi amanye amazwe akwenzayo ngenhloso yokukhuthaza ukuthi abantu abagome.
Kuleli, imiklomelo okuthiwa ingase isetshenziswe eyokuthi abagomile bangene mahhala ezinkundleni zezemidlalo nakwezinye izindawo zokuzithokozisa.
"Bekumele ukuthi umphakathi uchazelwe kahle ngokuthi imigomo yenzani egazini lomuntu nokuthi uma usugomile yini okungase kwenzeke emzimbeni wakho. Ukwehluleka kukahulumeni ukwenza lokhu kuholele ekutheni kuze kuqhamuke abantu abasalalisa ulwazi olungamanga, kubo okukhona nodokotela abebeveza imizwa yabo ngemigomo, bengalandeli lokho esikutshelwa isayensi. Lokhu kwenze ukuthi abantu babe madolonzima ukuya kogoma noma sebechazelwa," kusho yena.