Izindaba

Uhulumeni uzothumela ochwepheshe abazohlola 'idayimane' laseMnambithi

Simphiwe Ngubane|Published

IZINKUMBI zabantu zithutheleke KwaHlathi, eMnambithi, ziyomba ’idayimane’ Isithombe: SITHUNYELWE

IZINKUMBI zabantu ezivela kulo lonke leli zithutheleke endaweni okuthiwa yiKwaHlathi, eDouglas, eMnambithi, ziyomba “idayimane”.

Kuthiwa liyabhubha njengoba abadala nabancane, okukhona kubo nabesifazane, balishaya lishone ipiki befuna “idayimane”.

Kuthiwa kukhona abafika ngamatekisi anezinombolo zaseGoli naseThekwini bezobheka le ngcebo.

Kuvela nokuthi sekuyophela isikhathi esiyisonto izinkumbi zabantu zithutheleka kule ndawo kusukela kuvele isithombe sowesilisa ezinkundleni zokuxhumana “ohlabane ngedayimane” kule ndawo.

Isolezwe lixoxe nowesilisa osuka eDundee ofike ngoMgqibelo ezomba “idayimane” kule ndawo ewukhalo, enamatshe nentaba.

Uthe iningi labantu elimbayo likhala ngobubha, ukuxakeka nokungasebenzi ngokuthi yikhona okubalethe kule ndawo.

“Izimoto ziyisiminyaminya njengoba ngikhuluma nawe nje, abantu balokhu betheleka. Akekho ohambayo, nabesifazane balishaya lishone ipiki bemba imigodi efika edolweni bafuna leli dayimane. Mina ngibone kuFacebook ngathatheka ngashayela ngeza la (KwaHlathi) hleze kubekhona engihlabana ngakho,” kusho le ndoda eligodliwe igama layo

BEKUKHALA ipiki nefosholo kwaHlathi, eMnambithi, abantu bemba ngenhloso yokuthola ’idayimane’ emva kokuzwakala ukuthi kunendoda ehlabene ngalo kule ndawo Isithombe: SITHUNYELWE

Ithe amaphoyisa afikile abuka angasho lutho ase ayazihambela. Ngaleso sikhathi abantu bekungathi abawaboni, kukhala ipiki nefosholo.

“Ebusuku besikhanyise ngamathoshi namaselula ngoba kumbiwa nangabo ubusuku. Akekho engimbone ethi kukhona akutholayo kodwa balokhu bembile,” kusho le ndoda.

IMeya yakuMasipala i-Alfred Duma, uMnuz Vincent Madlala, ithe izwile ngabambayo ngoba befuna idayimane.

UMadlala uthe akwenzile ukuthi axhumane nenkosi yendawo okumbiwa kuyo ebe isimlandisa ngesisusa sale nto.

Uthe utshelwe yinkosi ukuthi kunowesilisa owayelusile wabona okuthile phansi okucwebezelayo njengedayimane wakuthatha.

“Le ndoda yakuthatha yahamba nakho iyokuhlola ukuthi idayimane ngempela yini. Ayikaze ibuye izositshela ngemiphumela yohlolo lwayo. Sekuyophela isonto abantu bemba kodwa akekho kulaba abambayo osalitholile idayimane,” kusho uMadlala.

Uveze nokuthi usexhumene noMnyango wezokuMbiwayo nezaMandla othembise ukuthi uzothumela ochwepheshe abazoza bezohlola le ndawo.

“Bathe abakwazi ukuqinisekisa abakubona ezithombeni ukuthi idayimane noma cha. Bathe akucaci kahle esithombeni ngakho bazofika nemishini bazohlola,” kusho uMadlala.

Ube esecela umphakathi ukuthi ubambisane nomnyango ophenyweni lawo ukuze kutholakale iqiniso ukuthi okumbayo yidayimane noma cha.

Kwenzeka esifanayo ngo-2018 umphakathi waKwaMachi, ngaseHarding, ngesikhathi izinkumbi zabantu zithutheleka lapho kwakumbiwa khona kuzokwakhiwa umgwaqo.

AboMnyango wezokuThutha babemba indawo ewumgubane kwabonakala itshe elikhazimulayo njengegolide okuyikhona okwadonsa izinkulungwane zabantu abathutheleka kule ndawo eyagcina isihenqiwe.