Izindaba

Uhulumeni unqamule inkontileka yohasha Ingonyama

Khethukuthula Sangweni|Published

Inyosi yeSilo uMnuz uBuzetsheni kaSombila Mdletshe, iqinisekisile ukuthi uhulumeni waKwaZulu- Natal unqamule inkontileka yayo yokuhasha Ingonyama, uMisuzulu kaZwelithini.

UMdletshe ukhulume neSolezwe ngoMsombuluko ntambama wathi incwadi ifike kuyena ngoLwesihlanu kodwa akazi ukuthi konakelephi.

UMdletshe uthe inkontileka yakhe bekufanele iphele ngo-2025.

Ngokwencwadi evela kuhulumeni ehhovisi likaNdunankulu, inkontileka izonqanyulwa ngo-Ephreli 30 futhi isizathu kuthiwa ukushoda kwenkece.

UMdletshe kuthiwa ubewuholela ngenkampani yakhe umsebenzi awuqhuba eNdlunkulu.