UHULUMENI wakuleli usuveze ukuthi udunguza ebumnyameni ngokuthi kungani noma ngubani oqubule udlame lokuhlaselwa kwezitolo zabokufika okwenzeka eGoli osekushone kulo abantu abangaphezulu kuka-12.
UNgqongqoshe wezokuVikela kuleli uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, badalule lokhu esithangami sabezindaba izolo ePhalamende.
Labo ngqongqoshe baveze ukuthi nabo abazi kahle hle ukuthi ngobani laba abaphehla udweshu.
UCele uthe uma ubhekisisa lolu dlame akuzona izitolo zabokufika kuphela ezishisiwe kodwa bekushiswa nje.
UNkk Mapisa-Nqakula uthe bazosebenzisana namaphoyisa ukuqeda lolu dlame.
UNkk Mapisa-Nqakula uthe bayasebenzisana namanye amazwe anabantu babo
kuleli.
Khonamanjalo inkampani enkulu yezindiza yaseNigeria i-Air Peace isizibophezele ukuthutha abantu bakuleliya lizwe abaseNingizimu Afrika ibabuyisele eNigeria mahhala namhlanje.
Esitatimendeni esikhishwe nguNgqongqoshe wezokuXhumana namaZwe oMhlaba waseNigeria uMnuz Geoffrey Onyeama, uthe umnikazi we-Air Peace unikele ngale ndiza ukuze kulekelelwe abantu baseNigeria abakuleli abafuna ukugoduka.
Leli thuba lilandela izigameko zodlame nokwebiwa kwempahla ezitolo zabantu bokufika ezisabalale ezindaweni ezahlukene Gauteng.