USEHOXISE isicelo sebheyili umsolwa ecaleni lokubulawa kwesitshudeni saseMangosuthi University of Technology, uZolile Khumalo, uThabani Mzolo ovele enkantolo yeMantshi eThekwini ngoLwesibili ekuseni.
UMzolo (23) uvele isikhashana kule nkantolo kanti ummeli wakhe uveze ukuthi useyasihoxisa isicelo sebheyili ayesifake kusukela liqala leli cala. Uzoqhubeka ahlale ejele laseWestville kuze kube uyavela futhi enkantolo.
Umsolwa ubhekene namacala amabili, elokubulala ngenhloso nelokuphatha isibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. UMzolo waboshwa kulandela ukubulawa kuka Zolile (21) ngo-Ephreli owadutshulwa kabili ekhanda endaweni okuhlala kuyo abafundi baseMangosuthu, iLonsdale Residence, eThekwini.
Ngesikhathi evela enkantolo ngenyanga edlule uMzolo kwavela ukuthi 'wadubula' uZolile kabili ekhanda wabe esekhahlela isidumbu sakhe.
UMzolo wacasula abaningi esephuma enkantolo ethuka iMantshi ngokuphakamisela umunwe ophakathi nendawo.
#ZolileKhumalo’s family hug each other outside court. Her father told media that while he was happy that Mzolo abandoned his bail application, his daughter would never be return. @SundayTribuneSA pic.twitter.com/s9ksTEAaBC
— Karinda Jagmohan (@Karinda_J) June 19, 2018
Ngemuva kokuhoxisa isicelo sebheyili ubaba kaZolile, uMnuz Comfort Khumalo, uveze ukuthi bajabule ngesinqumo sikaMzolo kodwa ngeke sibuyise indodakazi yabo. Uthe abakaxhumani nomndeni wakwaMzolo.
"Uma ngimbono ngivele ngikhumbule ukuthi ngumuntu ongiphuce indodakazi lona," kusho yena.
Icala liyaqhubeka ngo-Agasti 29.
UTHABANI Mzolo nowayeyintombi yakhe uZolile Khumalo asolwa ngokumbulala.