UMENGAMELI we-UDM uJenene Bantu Holomisa ugxeke iDA ngokushaya imithetho esivumelwaneni sabo sokusebenzisana kuMasipala waseNelson Mandela Bay.
Izolo abaholi bamaqembu aphikisayo bebeseGoli bedingida ukusebenzisana kwabo koMasipala baseGoli, Tshwane nowase_Eastern Cape.
UHolomisa uthe iDA ifuna ukubatshela ukuthi benzenjani ngaso sonke isikhathi yize yaxosha uMnuz Mongameli Bobani obeyiPhini leMeya yaseNelson Mandela Bay uMnuz Athol Trollip.
Umholi weCope uMnu Mosiuoa Lekota usole uBobani ngokungalandeli imigomo yesivumelwano sokusebenzisana ngamabomu.
Uthe uBobani ubefuna ukuhamba ngemoto enamalambu aluhlaza okwesibhakabhaka okuyinto abangakaze bavumelane ngayo njengohulumeni wobumbano.
Kodwa uHolimisa usole iDA namanye amaqembu aphikisayo ngokuhluleka wukujezisa uTrollip.
"Kunombiko okhombisa ngokusobala ukuthi uBobani noTrollip baphule isivumelwano sokusebenzisana kodwa nguBobani kuphela ojezisiwe, uTrollip usasele esikhundleni. Ngeke usasebenzisana ne-UDM uma njalo ufuna ukusitshela ukuthi senzenjani kuhle komuntu omdala," kusho uHolomisa.
Uthe iDA kufanele ize nobufakazi bokuthi uBobani wavota ne-ANC kodwa ayikakabulethi ngoba abukho.