UKHOLELWA ekutheni asikho isifundo nomkhakha ongeke ufundwe ngolimi lwesintu, owesifazane ohlonishwe ngendondo ngamagalelo okuqhakambisa izilimi zesintu.
UNkk Muhle Sibisi ofundisa emkhakheni wakwaHumanities e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), uhlonishwe ngeYoung Linguist Award emcimbini weminyaka engu-20 we-International Congress of Linguist. Bekuqala ukuthi lo mcimbi ubanjelwe kuleli selokhu wasungulwa njengoba ububanjelwe eKapa.
UNkk Sibisi ohola nohlelo lwezilimi kwiSchool of Arts, khona e-UKZN, uthe ukuhlabana kwakhe ngale ndondo kusho ukuthi uyabonakala umkhankaso wokuqhakambisa izilimi zesintu.
“Umkhankaso wokuqhakambisa izilimi zesintu akuyona into yakuleli kuphela kodwa eyawo wonke amazwe. Ngisho abe-Unesco bayakukhuthaza ukuthuthukiswa kwalezi zilimi. Ukuthola kwami le ndondo kusho ukuthi nowethu umkhankaso uyabonakala. Izilimi zethu zanyathelwa kakhulu ngenxa yomlando wobandlululo, okuyimanje sizama ukulungisa lowo monakalo,” kusho yena.
Uthe zonke izifundo ngisho ezikhungweni zemfundo ephakeme kumele zifundwe ngezilimi zesintu. Uveze ukuthi e-UKZN sebeqalile ukusebenzisa amanye amatemu ezilimi zesintu abaqhamuke nawo.
“Awukho umkhakha noma izifundo ezingeke zingafundeki ngezilimi zesintu. Uma sebefuna ukusigxeka laba abangafuni siqhakambise izilimi zethu, basishaya ngokuthi kunamatemu angeke asebenziseke kahle esiZulwini. Okuhle ukuthi ezinye izilimi ziyahambelana, kungabolekwa amagama ukwakha amanye amatemu. Awekho amagama angeke atholakele uma sizimisele, ngisho emkhakheni wezomthetho nowezesayensi,” echaza.
UNkk Sibisi osefundise iminyaka emine e-UKZN, kumanje wenza iPhD lapho enza khona ucwaningo ngezilimi zesintu. Ucwaninga ukuthi amatemu esiZulu aseqalile ukusetshenziswa kulesi sikhungo ayazisiza yini izitshudeni ukuthi ziqonde kangcono ezifundiswa kona ngolimi lwazo.
Ukuhlabana kwakhe ngendondo kunezelwe nayindlela alwethule kahle ngayo ucwaningo obeluhambisana nokukhuthaza izitshudeni zale nyuvesi ukuthi zihaye izinkondlo zisebenzisa amatemu emikhakha yemfundo ezikuyo.
UNkk Sibisi ubonge umphathi wakhe uSolwazi Heike Tappe, athe nguye omkhuthazayo emsebenzini wakhe kulesi sikhungo. I-international Congress of Linguist yasungulwa ngo-1928 kanti izingcithabuchopho zezilimi zamazwe ahlukene ziyahlangana njalo eminyakeni eyisihlanu ukubhunga ngezokuthuthukiswa kwezilimi.