UYAPHIKA uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ukuthi ukufakwa ngaphansi kweso lomlawuli kukaMasipala waseNquthu, kuyitulo lezepolitiki.
Uphike walala ngomhlane ukuthi isinqumo sakamuva sokufaka umasipala ngaphansi kweso lomlawuli, siyimizamo yokuhlithwa umasipala kwi-IFP.
Ikhabhinethi lesifundazwe lithathe isinqumo sokuthi liphinde lifake umasipala ngaphansi komlawuli ngesonto eledlule, ngemva kokuthi isinqumo sokuqala sokufaka lo masipala ngaphansi kweso lomlawuli sachithwa ungqongqoshe kazwelonke, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma.
Lesi sinqumo sangesonto eledlule sicasule i-IFP, yathi siyitulo lokulekelela i-ANC ukuthi ikwazi ukuhlwitha lo masipala njengoba bethi i-ANC kade vele iwucuthele lo masipala. Kepha izolo uHlomuka uphikile ukuthi kunetulo lokuhlwitha umasipala kwi-IFP.
Ekhuluma kwisithangami sabezindaba izolo eHowick, lapho ebezocacisa khona ngebanga eselihanjwe omasipala abangaphansi kweso lomlawuli, uHlomuka ubuze ukuthi kungani kungashiwo into efanayo uma umnyango ufaka ngaphansi kweso lomlawuli umasipala ophethwe yi-ANC.
UHlomuka uthe komasipala abangu-10 esifundazweni abangaphansi kweso lomlawuli, iningi labo liphethwe yi-ANC.
“Manje-ke uma ngifaka omasipala abangaphansi kwe-ANC ngaphansi kweso lomlawuli, kusuke kuseyitulo lezepolitiki nakhona? Yiliphi lelo tulo? Yini ebaluleke kangaka ngomasipala waseNquthu? Thina esikufunayo ukuthi umasipala waseNquthu ukwazi ukuhambisa izidingo kubantu. Yilokho okubalulekile kuthina.”
UHlomuka uthe akubathusi nakancane ukuthi lo masipala usabisa ngokufaka loludaba enkantolo.
“Sizophendula kahle uma sebewafakile amaphepha enkantolo. Noma ngubani angaya komemeza phezu kwentaba, athi uzosisa enkantolo, kepha agcine engalufakanga udaba enkantolo. Yingakho ngithi, sizophendula uma sebewafakile amaphepha enkantolo,” kubeka uHlomuka.
Ekhuluma nabezindaba, uHlomuka uthe iningi lomasipala abangu-10 esifundazweni abangaphansi kweso lomlawuli, bakhombisa ukusimama, akusafani nangesikhathi umnyango uqala ukungenelela. Phakathi komasipala abangaphansi komlawuli kubalwa, uMsunduzi, uMzinyathi, uThukela, Mtubatuba, Abaqulusi kanye nabanye.
UHlomuka uthe umasipala okuyiwo ophathisa umnyango ngekhanda ngowesifunda uMkhanyakude.
“Akukho mahluko otheni osuwenzekile yize sizama ngakho konke okusemandleni ukulekelela. Ukungabi khona kozinzo kwezepolitiki kuholela ukuthi imihlangano yomkhandlu ihluleke ukuhlala.
“Maningi amathuba okuthi lo masipala uzohluleka ukuphasisa isabelomali sawo. Lezi zinkinga ezikhungethe umasipala ziphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo. Kunezinkinga zamanzi kulo masipala ikakhulukazi eNgwavuma naseMbazwana.”