UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uqale uhlelo lokufundisa abafundi kusetshenziswa imisakazo namaphephandaba.
Lolu hlelo luqale izolo emisakazweni.
Okhulumela umnyango uMnuz Muzi Mahlambi uthe kuzoba nezifundo zansuku zonke emisakazweni emikhulu okubalwa kuyo Ukhozi FM, East Coast Radio neGagasi nemisakazo yomphakathi KwaZulu-Natal.
"Izifundo ezizobe zisakazwa emisakazweni zizobe ziqoshiwe kanti ezinye zizosakazwa bukhoma. Isolezwe namanye amaphephandaba angozakwabo azobamba iqhaza ngokushicilela phansi izifundo ezizobe ziqhubeka emisakazweni,” kusho uMahlambi.
Uthe ukushicilelwa kwezifundo kuzoqalwa kule leli sonto kwiSolezwe namanye amaphephandaba nawomphakathi.
UMahlambi ucele abazali ukuthi bagqugquzele izingane ukuthi zilalele imisakazo ziphinde zifunde amaphephandaba. Izifundo ezizobe zifundiswa iMaths Literacy, Economics, Life Sciences, History, isiNgisi, nezinye izifundo.
Izikhathi zokusakazwa kwezifundo zimi kanje: Emsakazweni Ukhozi FM izifundo zizosakazwa ngo-21:00 ebusuku ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu.
Kuyona yonke imisakazo yomphakathi KwaZulu-Natal * -09:00 kuya ku-12: 00 emini ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Emsakazweni iVuma FM kuzoqala ngo-09:00 kuya ku-15:00 noMsombuluko kuze kube yiSonto.
Imisakazo i-East Coast Radio neGagasi FM izomemezela ezinhlelweni zomoya ngezikhathi okuzoqhubeka ngazo ukusakazwa kwezifundo.
I-CAPS Radio izofaka ezinkundleni zokuxhumana. Olunye ulwazi luzofakwa kwi-website yoMnyango wezeMfundo.