UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme iSayensi nobuChwepheshe uDkt Blade Nzimande ugxeke ukushiswa kwesakhiwo okuhlala kuso izitshudeni zaseNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Le ndawo ebizwa nge-Oval esophikweni lwale nyuvesi iWestville, ingqongqiswe ngomlilo ngoMsombuluko kanti uNzimande uthe ukushiswa kwengqalasizinda yenyuvesi kuyihlazo elingeke libekezelelwe.
“Ukucekelwa phansi kwempahla yenyuvesi kuwubugebengu ngakho bonke abenza lokhu kumele baboshwe, babhekane nengalo yomthetho. Lezi zigebengu kumele zisuswe ezikhungweni zethu azikufanele ukuba kuzona,” kusho uNzimande.
Unxuse amaphoyisa ukuthi asebenze ngokuzimisela abophe bonke abenzi bobubi.
Uveze ukuthi uhulumeni uchitha imali eningi elungisa izikhungo wathi abakuzo kumele baqinisekise ukuthi zivikelekile.
Nenyuvesi isigxekile lesi senzo yathi sikhombisa ubugwala kwabathile abagcine sebeshise isakhiwo.
Umphathi wenyuvesi uSolwazi Nana Poku, uthe lokhu kuzodla inyuvesi izigidi zamaRandi engenazo njengoba phambilini kwacekelwa phansi ezinye izakhiwo okwakudalwa yimibhikisho yezitshudeni.
“Sekuqalwe uphenyo ngalolu daba, abenze lokhu bazobanjwa, bajeze. Lesi senzo sabangenanembeza sisiphazamisa sonke. Kuyamangaza ukuthi ukucekelwa phansi kwesakhiwo kwenzeka ngesikhathi inyuvesi iqala ukwamukela izitshudeni ngobuningi njengoba elakuleli lisesigabeni sokuqala somvalelandlini,” kusho uPoku.
Uveze ukuthi le ndawo okuhlala kuyo izitshudeni ngaphambi kokuthi ishiswe, ibivaliwe kulandela ukukhathazeka ngenxa yesimo sayo.
Uthe emasontweni amathathu edlule inyuvesi yaxhumana nazo zonke izinhlaka zayo yazazisa ngesinqumo sokuvala le ndawo ukuqinisekisa ukuthi izitshudeni ziphephile.
Isigungu esimele izitshudeni sithe lesi senzo siwubuqaba futhi asamukelekile.
UMengameli waso uSifiso Simelane, uthe ukucekelwa phansi kwezakhiwo zesikhungo akwamukelekile futhi ngeke kubekezelelwe.
“Inyuvesi yanquma ukuvala le ndawo ehlala izitshudeni ngenxa yesimo sayo esingesihle esithinta ukuphepha, yabe isithatha zonke izitshudeni ebezihlala kuyo zafakwa kwenye indawo. Ukushiswa kwayo ngikugxeka ngayo yonke indlela futhi kuwubugebengu. Akekho umuntu ophile kahle engqondweni onelungelo lokucekela phansi ingqalasizinda afake inyuvesi yethu ehlazweni,” kusho uSimelane.
Uthe njengezitshudeni, kumele bacabangisise ngazo zonke izinqumo abazithathayo nokuthi zizoba nomthelela ongakanani wathi inyuvesi kumele ithathe izinyathelo ngalolu daba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseWestville aphenya icala lokususa uthuthuva emphakathini.
“Iqeqebana lezitshudeni ezazibhikisha lishaye unogada ngaphambi kokokhela isakhiwo i-Oval esesikhungweni iWestville ngoMsombuluko,” kusho uCaptain Gwala.