UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uyihlabile eyobuqembuqembu kwi-ANC nenkohlakalo, wathi lokhu kuzoyiqumba phansi inhlangano. URamaphosa ukusho lokhu izolo eVryheid kade ethula inkulumo yesifundo ngesishoshovu esasilwa nobandlululo, uMnuz Raymond Mhlaba.
UMhlaba, owayedume ngelika-Oom Ray, washona ngoFebhuwari 2005. Wayengomunye weziboshwa nowayengumengameli kuleli uMnuz Nelson Mandela, wahlala iminyaka ewu-25 ejele. Waba ngundunankulu wokuqala wase-Eastern Cape. URamaphosa ekhuluma ngaye, uthe wayengeke akuvume ukuba kube khona ukuhlukana phakathi kwi-ANC, wathi ngoba lokhu kwakuzoholela ekushabalaleni kwenhlangano.
“Kubi ukuhlukana phakathi enhlanganweni, lokho kuyayibulala. Akufanele kube khona abantu abazothi mina ngokaZikalala, ngokaMchunu, ngokaRamaphosa noma ngokaMabuyakhulu. Akekho umuntu enhlanganweni okumele athi yena owomunye umuntu. Sonke singabenhlangano i-ANC,” kusho uRamaphosa. Uphinde wathi inkonhlakalo kumele kuliwe nayo ngoba izoyiqeda inhlangano.
“Inkohlakalo yenze inhlangano yantekenteke. Abazimisele ngokuntshontsha imali ngithi shiyani phansi, nisebenzele abantu,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uthe udaba lokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo lusemqoka futhi kumele umhlaba ubuyiselwe kubanikazi bawo ngokushesha.
Ushumayele nevangeli lokuqeda isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kuleli.
“Abantu besilisa nje bebonke kumele bashintshe indlela yokuziphatha, babheke abantu besifazane ngokuthi bayalingana nabo. Akuphele ukuhlukunyezwa kwabesifazane,” kusho uRamaphosa. Lokhu kunanelwe nanguNdunankulu waKwaZulu-Natal ophinde abe nguSihlalo we-ANC, uMnuz Sihle Zikalala, othe ukuhlukunyezwa kwabesifazane kuyihlazo okumele liqedwe. “Akwamukelekile ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kuleli, kumele kuphele,” kusho uZikalala.
Uphinde wanxusa amalungu e-ANC ukube ahlangane, azijwayeze ukufunda ngepolitiki nangomlando weqembu ukuze azokwazi ukuthi limeleni iqembu nezinhloso zalo. UZikalala uthe okumqoka nge-ANC kumele kube yiqembu elisebenzela abantu, elimele abantu njengoba livotelwe abantu ukuba liphathe isizwe.
Ngesikhathi uRamaphosa ezoqala ukukhuluma, i-ANCWL, imculele ithi “Ramaphosa, besingazi ukuthi usithanda ngempela.” URamaphosa ubelokhu edansa esteji bemculela. Uthe eqala inkulumo yakhe, wathi impela abesifazane be-ANC ubathanda ngaphezu kwezinto zonke.