UNKOSIKAZI kaMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, uThobeka KaMabhida Zuma Isithombe: REUTERS
USESHINTSHE igama lakhe abaziwa ngalo enkundleni yokuxhumana u-Instagram, unkosikazi kaMengameli Jcob Zuma uNkk Thobeka KaMadiba Zuma ngemuva kokugxekwa wumndeni wakhe nabantu ngesonto eledlule.

UKaMadiba umangaze abaningi ekhwela edilika kubantu ethi basukela umyeni wakhe, bacabanga ukuthi uyafika kwipolitiki.

Umama wesizwe ubetholakala ngaphansi kwegama elithi Firstladyzuma kodwa manje usezibiza ngo-tobeka_madiba_zuma_is_her_name.

Umbhalo wakhe wacasula abaningi ababemgxeka njengoba abhala ukuthi “Kusazoshuba.......ungalwi nomuntu engalwi nawe...” Abanye bambuza ukuthi usho ukuthini uma ekhuluma kanjena wagcina ngokuphendula ethi “Kusazoshipha ukotshi Darling”.

Ngemuva kwale mibhalo u-Edward Zuma oyindodana kaMengameli wakhipha isitatimende egxeka inkulumo kanina wathi ayehlanga kahle futhi wathi bayaziqhelelanisa nayo.