INKANTOLO yesiFunda saseGreytown igwebe uBhekisisa Khumalo (28) udilikajikele ngokudlwengula owayeyintombi yakhe ngoNovemba 2018.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal,uLieutenant Colonel Thulani Zwane,uthe umgilwa (27)esekhaya lakhe eTent Town ngesikhathi owayeyisoka lakhe efuna ukungena ngodli kubo.
‘Wangena ehlome ngesagila futhi wamthatha ngesankahlu, emyisa lapho ehlala khona. Wafike wamdlwengula amahlandla amaningi futhi emsabisa.”
UZwane uthe icala lokudlwengula lavulwa esitetshini samaphoyisa saseGreytown kodwa ladluliselwa ophikweni elibhekene nodlame lwasemndenini, ukuvikeleka kwezingane namacala ocansi.
“Umsolwa wabe eseboshwa ngokuphazima kweso futhi wayiswa enkantolo lapho efike wagwetshwa khona udilikajele ngecala lokudlwengula neminyaka emihlanu ngecala lokuthumba. Umphenyi wecala uthule ubufakazi enkantolo bokuthi umgilwa walashwa esibhedlela ngemuva kokuba uKhumalo emgwaze amanxeba ambalwa,” kuphetha uZwane.