Izindaba

Ugwetshwe kwanzima owayeheha izisulu ngoFacebook

Nonkululeko Nhlapo|Published

Umbuso udlulise icala lomlisa owathola isigwebo esincane enkantolo yaseNtuzuma

Image: Sigciniwe

INkantolo eNkulu eThekwini ikugwebe uPhilani Siyabonga Ndwandwe udilikajele, emuva kokuthi umbuso wedlulise isinqumo ngesigwebo ayesithole ngo-2023.

Phakathi kukaJulayi 2018 no-Ephreli 2020, uNdwandwe waxoxa nabagilwa kwi-Facebook ebathembisa umsebenzi. Wayevame ukuhlangana nabagilwa eMaoti naseCongo bese ehamba nabo.

Kuyothi endleleni bese ebajikela abasabise ngommese abashove ehlathini abadlwengule. UNdwandwe wavela enkantolo yeMantshi eNtuzuma, wawavuma amacala okudlwengula awu-5 wagwetshwa iminyaka ewu-15 ngecala ngalinye.

Amacala amabili anesigwebo sikadilikajele esibekiwe ngoba omunye umgilwa wayekhubazekile kanti omunye washawa kabuhlungu. Inkantolo ayichazanga isizathu sokuchezuka kulesi sigwebo esibekiwe kodwa yagweba uNdwandwe iminyaka ewu-15 nakulawo macala anesigwebo sikadilikajele. Omabili lawo macala ehlangene akhipha iminyaka ewu-30.

UMshushisi oMkhulu waseNtuzuma ngaleso sikhathi, u-Adv Kistnasamy wayengenelisekile ngesigwebo wedlusa udaba lwaya ehhovisi loMqondisi wezokuShushisa KwaZulu-Natal.

Ngenxa yamaphuzu athile, kwathathwa isinqumo sokwedlulisa udaba. Umbuso wafaka isicelo sokwedlulisa udaba eNkantolo eNkulu. Sagunyazwa isicelo sabekelwa u-3 Julayi 2025.

U-Advocate Kelvin Singh obemele I-NPA uthe inkantolo kwakufanele ikhiphe isigwebo sikadilikajele emacaleni amabili okudlwengula. Uthe amacala okudlwengula aphazamisa amalungelo abagilwa angokomthethosisekelo, isithunzi nobuntu babo.

USingh ucaphune amacala ase-Supreme Court of Appeal (SCA) lapho inkantolo eyasenyusa khona isigwebo sisuka eminyakeni ewu-6 kuya kudilikajele. Wacela inkantolo ukuthi yenze okufanayo nakuNdwandwe.

INkantolo eNkulu eThekwini ivune umbuso yachitha isigwebo seminyaka ewu-15 emacaleni amabili okudlwengula yafaka udilikajele.