Ugwetshwe owabulala intombi yakhe wayisonga ngengubo yokulala
Image: Sigciniwe
Inkantolo yeSifunda e-Vryheid igwebe u-Innocent Fanyane Dubazane (51) udilikajele ngecala lokubulala uNonsikelelo Nqobile Xaba (45) ngoFebhuwari 2024 eMondlo. Umufi nommangalelwa babethanda kodwa beyifihlele imindeni yabo.
Ngo-8 Febhuwari 2024 kwatholakala isidumbu sikamufi sidindilize emseleni e-C section eMondlo. Isidumbu sasigoqwe ngengubo yokulala nesaka eliwufefe. Isidumbu sasigqokile kodwa singazifakile izicathulo. Kwaqapheleka ukuthi umufi wayeshawe kanzima ngento thizeni. Umufi wayengumuntu owayaziwa endaweni nokwenza kwaba lula ukumhlonza.
Uphenyo lwamaphoyisa lwaveza ukuthi wayegcine ukubonakala endlini kaDubazane enaye. UDubazane wathathwa wayophenywa kwakhona izinto azivumayo ezimyamanisa nokubulala. Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo kwatholakala izicathulo zikamufi zinegazi zisongiwe endlini yangasese engaphandle. Amaphoyisa aqaphela umzila owawudwebeke phansi emuva kwendlu. Umzila wawubheke ngalapho okwatholwa khona isidumbu. Ingubo yokulala kwakungeyakwaDubazane kanti isafa eliwufefe kwakungelomfowabo ayehlala naye.
UMshushisi u-Andre Symington ubize ofakazi abaqinisekisa ukuthi izicathulo ezatholakala kwaDubazana ezikamufi. Ufakazi ongowakubo kaDubazane wafakaza ngengubo yokulala okwakusongwe ngayo umufi. Kwabizwa umphenyi wecala nephoyisa elabopha ummangalelwa nabo bafakaza.
Ufakazi wakubo kaDubazane ufakaze ukuthi wabona ummangalelwa nomufi bendawonye ngaphambi kwesigameko. Unkosikazi kafakazi, ongasekho emhlabeni wathi yena wezwa ukuhilizisana wabikela umyeni wakhe.
USymington ekhonga isigwebo esiqinile, utshele inkantolo ukuthi amacala afana nalawa adla lubi eNingizimu Africa. Uthe ummangalewa waba nesihluku futhi akakhombisi ukuzisola.
Inkantolo ithole ukuthi umufi nommangalelwa babenobudlelwano basekhaya. Inkantolo ithe ayisiboni isizathu sokuchezuka ekukhipheni isigwebo esibekiwe okuwudilikajele.
UDubazane ugwetshwe udilikajele futhi inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.