Ugwetshwe kanzima ubaba owayedlwengula amadodakazi akhe
Image: Bheki Radebe
INkantolo yeSifunda eShowe igwebe indoda eneminyaka ewu-41 odilikajele abane ngamacala okudlwengula amadodakazi ayo amane eHluhluwe. Izigameko ezenzeke phakathi kuka-2015 no-2019 ngesikhathi izingane zineminyaka ephakathi kwemibili kuya kwengu-8.
Ummangalelwa unguyise wezingane wegazi futhi wayehlala nazo nonina. Wayezidlwengula uma unina engekho. Abagilwa bathe uma bedlala phandle uyise wayebabizela endlini abadlwengule. Wayebasabisa ukuze bangalubiki loludaba.
Udaba lwaze lwabikwa wunina wezingane emuva kokuqaphela ukulimala ezithweni zangasese. Ummangalelwa waboshwa esekhaya lakhe eHluhluwe.
Ummangalelwa wawaphika wonke amacala. Umshushisi, uKacey Pillay ubize abagilwa bafakaza ukuthi badlwengulwa izikhawu eziningi.
Nakuba unina wezingane washona lingakaphothulwa icala kodwa umshushisi ufake isicelo sokuthi isitatimende sakhe samukelwe njengobufakazi ngokuka-Section(3)(1)(c) of the Hearsay Evidence Act.
Inkantolo yabona kufanele ukwamukela ubufakazi bukanina wezingane. Kwethulwa nobufakazi bombiko kadokotela i-J88.
Umbuso ucele isigwebo esiqinile, ngokwethula izitatimende zabagilwa abazibhale beluswe wu-Amanda Pretty Nxumalo oyi-Court Preparation Officer.
Omunye wabagilwa uthe yena ubehlala ejabule edlala kodwa manje usehlala edangele. Uthe akasabethembi abantu besilisa. Omunye uthe isigameko simphazamise kakhulu usehlala ecasukile. Omunye uthe uyamzonda ummangalelwa ngalokhu akwenzile.
Ummangalelwa ugwetshwe udilikajele ngecala ngalinye lokudlwengula. Ngaphezu kwalokho inkantolo inqume ukuthi igama lakhe lifakwe ohlwini lwabanukubeza ngokocansi. Inkantolo inqume nokuthi akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.