INKANTOLO yeMantshi eVerulam igwebe owesilisa oneminyaka ewu-30 ngoMsombuluko iminyaka ewu-22 ngokudlwengula unina oneminyaka ewu-52.
Lesi sehlakalo senzeka ngo-2015.
Okhulumela amaphoyisa uLt Colonel Thulani Zwane, uthe umgilwa wayehlala nendodana ePhoenix.
Uthe babesekhaya indodana yathi mabaye ocansini. Ngaleso sikhathi unina wayegeza.
“Wakhahlela umnyango wasendlini yokugezela, unina wanqaba wathi uyamzala ngakho ngeke kwenzeke balale. Ummangalelwa wamshaya wamdlwengula ngenkani. Isisulu sabika udaba esihlotsheni, yabuzwa indodana kodwa yaphika,” kusho uZwane.
UZwane uthe esehlakalweni sesibili ngoMashi 2016, isisulu sasisodwa endlini ngesikhathi indodana isidonsa ngenkani isidlwengula.
“Isisulu sabika udaba emaphoyiseni, yaboshwa indodana. Sibuzwa yinkantolo isisulu sithe sasisaba ukubika ngoba indodana yayinodlame.”
Ogwetshiwe ubesevele izikhawu eziningi enkantolo ngaphambi kokugwetshwa ngecala lokudlwengula.