UGWETSHWE iminyaka ewu-20 ebhadla ejele owesifazane waseChatsworth, eThekwini owabulala indodakazi yakhe (3) ayeyihlukumeza ngonyaka ka-2014.
Inkantolo ithole lo wesifazane oneminyaka ewu-35 enecala lokufa kwendodakazi yakhe ayeyihlukumeza ngokuyincisha ukudla, eyishisa ngogwayi, nokuyifakela upelepele kwinabukeni. Ngaphezu kwalokho lo wesifazane wayeyibophela embhedeni uma isilele ebusuku.
NgoLwesine lo wesifazane ugwetshwe ngamacala awu-17 okubalwa kuwo ukubulala nokushaya. Izigwebo zakhe ngalawa macala zizohambisana, okuchaza ukuthi uzodonsa iminyaka ewu-20 ejele.
Lo wesifazane ubesolwa nogogo wentombazane ebulewe. Ugogo ushone esejele eWestville ngasekuqaleni kwalo nyaka ngaphambi kokuthi kuphume isinqumo secala.
Isolezwe namanye amaphephandaba angaphansi kwe-Independent Media aqoke ukungawadaluli amagama entombazane ebulewe ngokunjalo nelika nina njengendlela yokuvikela isithunzi sezinye izingane ezizalwa yilo wesifazane, okuthiwa nazo ubezihlukumeza.
Isidumbu sale ntombazane satholwa eChatsworth ngonyaka ka 2014 ngoNovemba, sibuthaka futhi sibukeka sinamanxeba okushaywa.
Ngesikhathi kuqulwa icala udokotela owayefakaza, uDkt Sibusiso Ntsele wazisa iNkantolo eNkulu eThekwiini ukuthi ingane yabulawa ukulimala kanzima ngenxa yokuhlunyezwa.
Abashushisi baveza nokuthi ugogo wentombazane wake wayishaya wayiphonsa phansi. Ngosuku olulandelayo unina wayishaya ngesicathulo sabesifazane esicijile, bekwenza ngokuhlanganyela nogogo wayo. Ebusuku kuthiwa yambozwa ngoplastiki ekhanda, yashona ngosuku olulandelayo.
Abashushisi basola laba nangokuhlukumeza umfowabo wale ntombazane, oneminyaka engu-11, nodadewabo oneminyaka ewu-8. Kuthiwa babebashaya babaphoqe ukuthi bacele imali emgwaqeni. Uma benqaba ukwenza lokhu babe bashaya, babancinze izitho zabo zangasese. Bobabili sebehlaliswe endaweni ephephile.
Unina kulolu daba uthi ngaphambi kokuthi kufe indodakazi yakhe waphazamiseka ngokomqondo, nokumenza acabangise okomuntu oneminyaka engu-9 kuya ku-16.