KUQHUME ihlombe enkantolo ngesikhathi iJaji ligweba umbulali nomdlwenguli iminyaka engu-300 ebhadla ejele ngamacala awenza eMlaza.
USanele Makhanya (27) ugixabezwe yiJaji uPhillip Nkosi odilikajele abayisikhombisa nenye inqwaba yeminyaka ngamacala akhe okubalwa nelokubulala umndeni wakwaMzila ngonyaka odlule.
Izolo, eNkantolo eNkulu yaseThekwini ijaji limgweba lithe isenzo sakhe sokubulala nokudlwengula kwakungesikasathane uqobo.
“Asikho isizathu esibambekayo esingangeza ngijike ngingakuniki izigwebo eziqinile engizokunikeza zona. Wena nomngani wakho osashona nanihamba nibulala nidlwengula noma ubani noma inini. Benichanasa nje ningenalo novalo lwamaphoyisa. Ufanele ukubhadla ejele iminyaka eminingi,” kusho uNkosi.
FUNDA: IJaji lisole amaphoyisa lilahla isigebengu ngamacala angu-20
Ngesikhathi iJaji likhipha isigwebo kuvele kwaqhuma ihlombe enkantolo izihlobo zabagilwa nomphakathi waseMlaza ujabulela isigwebo. IJaji kuze kwaphoqeleka ukuba lime kancane ukukhuluma umphakathi usajabulela lesi sigwebo. Izigwebo zizohambisana.
UNkosi ekhipha isigwebo ngecala lokugqekeza ngenhloso yokudlwengula nokuntshontsha unikeze uMakhanya iminyaka emihlanu. Ngelokudlwengula abathathu unikezwe odilikajele abathathu, ngelokuntshontsha kulomuzi adlwengula kuwo unikezwe iminyaka engu-15. Amacala okuzama ukubulala abayisikhombisa ethaveni eMosho umgwebe iminyaka engu-10 icala ngalinye, ngecala lokuntshontsha kule thaveni umgwebe 15 weminyaka, amacala okubulala kaMzila wamgweba odilikajele abane.
Ngecala lokuntshontsha kaMzila umgwebe 15 weminyaka, wabhanselwa ngeminyaka emihlanu ecaleni lesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Ngesikhathi egwetshwa ubelokhu elingqolozele iJaji, ehlikihla izandla.
IJaji lithe kusamele kuphenywe amaphoyisa ngokudembesela ekubopheni uMakhanya nomngani wakhe owagcina ngokushona uMnuz Sibonelo “Nkalakatha” Jali, ngecala lokuqala abalenza lokudlwengula.
“Kumele kuphenywe amaphoyisa athintekayo odabeni lwecala lokuqala lokudlwengulwa kwabesifazane abathathu. Ngokwami ukubona icala lokubulawa kwabantu ethaveni nakwaMzila lalingeke lenzeke ukuba laba (uMakhanya nomngani wakhe) base beboshiwe ngecala lokudlwengula. Ukudembesela kwamaphoyisa kulesi sigameko kuyashaqisa. Kwakumele babanjwe oqotsheni laba ngoba badlwengula laba besifazane amahora baze babagezisa maqede bahamba, bezicanasela nje,” kusho uNkosi.
Ngaphambi kokuba uNkosi amgwebe utshele uMakhanya ukuthi kumele akuqonde ukuthi lokhu akwenza kubi kakhulu futhi kushiye abantu abaningi behlukumezekile.
“Uphoxe abazali bakho nomphakathi wangakini obukubona ukhula phambi kwabo. Wazicabangele wedwa, uyingozi enkulu emphakathini awufanele nakancane ukuba ngaphambi kwabantu,” kusho uNkosi.
IJaji lifunde nezincwadi ezifungelwe zabesifazane abadlwengula nokuvele ukuthi basaba ngisho ukuhamba emgwaqweni, ubudlwelwane babo nabathandana nabo buphazamisekile, bayazenyanya futhi bayazenyeza. Omunye walaba besifazane wayekhulelwe ngesikhathi edlwengulwa noma ekhala abamzwelanga.