IGWETSHWE iminyaka engu-17 ibhadla ejele indoda eyagwaza ingoduso yayo amanxeba angu-27 eMkhomazi ngo-Ephreli 6 nyakenye.
IGWETSHWE iminyaka engu-17 ibhadla ejele indoda eyagwaza ingoduso yayo amanxeba angu-27 eMkhomazi ngo-Ephreli 6 nyakenye.
INkantolo yesiFunda eScottburgh igwebe uMlungisi Leon Chamane (33) ngecala lokubulala uNksz Lungi Mbhele (30).
Isidumbu sikaNksz Mbhele esasinamanxeba amaningi okugwazwa emzimbeni, satholwa amaphoyisa emgwaqweni uWatsonia eRoseneath. Kwavulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMkhomazi
Okhulumela amaphoyisa KwaZlu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe umufi wayengowaseMthwalume kodwa esebenza eMkhomazi.
Uphenyo lwamaphoyisa lwathola ukuthi uNksz Mbhele wahlaselwa ngesikhathi elibangise emsebenzini.
“UChamane wagwaza ingoduso yakhe amanxeba awu-27 emzimbeni. Wabe esebaleka eMkhomazi eya ekubhaceni. Amaphoyisa alunywa indlebe ukuthi usebalekile eMkhomazi waya kubo eMthwalume,” kusho uCapt. Gwala.