UGWETSHWE iminyaka engu-101 ebhadla ejele ngamacala okubulala abantu abathathu, awokuzama ukubulala amabili nelokubamba inkunzi ethaveni yaseNtunjambili eKranskop.
USibusiso Bhengu (27) ugwetshwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesine ngamacala okubulala oMnuz Sandile Nene, Mbho Mkhize no-Dola Shezi.
Ugwetshwe odilikajele abathathu ngamacala okubulala.
Uphinde walahlwa ngamacala amabili okuzama ukubulala abesifazane ababili abadutshulwa kulethaveni. Ngalamacala okubulala ugwetshwe iminyaka engu-15 elinye kwaba iminyaka emihlanu.
Icala lokubamba inkunzi njengoba yena nabanye bashaya bachitha notshwala nemali engadalulwanga, ugwetshwe iminyaka eyisithupha.
Izigwebo zakhe zizohambisana.
Lesi sigameko senzeke ngo-Febhuwari 4 nonyaka.
Isolezwe labika ngalesi sigameko lapho kwagasela khona abantu bafuna imali notshwala ngodli kubantu abebesebenza ethaveni nabanye ababezothenga.
Kulesi sigameko kwadutshulwa abesifazane ababili, balimala kanzima baphuthunyiswa esibhedlela.
Abanye abasolwa abathathu basathungathwa ngalamacala njengoba kwaboshwa uBhengu kuphela emuva kwamasonto amabili kwenzeke lesi sigameko.
UBhengu kulindeleke ukuba agwetshwe ngoLwesihlanu.
Ijaji kuleli cala lincome kakhuku umphenyi wecala uConstable Thandoluhle “Ndo” Mhlongo ngokuletha ubufakazi obebuqanda ikhanda ngaleli cala nokukwazi ukusonga icala elenzeke kuwo lonyaka.
Uthe ukube wonke amaphoyisa enza ngalendlela ngabe ubugebengu into ezwiwa ngendaba kuleli.