UGWETSHWE iminyaka engu-150 ebhadla ejele owesilisa olahlwe ngamacala okudlwengula abafana abancane ebathembisa amaselula nokubadlalisa ama-games.
UMenzi Shandu (25) waseMariannhill ugwetshwe izolo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Ngesikhathi ibamba leJaji u-Anand Maharaj limgweba lithe ungumalugaju obezingela izingane ezincane zabafana bese eziholela ophathe.
Uthe kumfanele ukuboshwa ukhiye ulahlwe kude ngoba uyingozi kakhulu.
“Ulimoshile ikusasa labafanyana abancane abebeza kuwena ngoba bekuthemba futhi ngoba ubathembisa ukubanikeza amaselula. Ubuwazi kahle ukuthi ubanunusela ngento abayithandayo futhi abangenayo. Ubukuhlosile ukubadlwengula ngale ndlela. Inkantolo ayikwazi nokucabanga nje ukuthi ububonani kubafana abaneminyaka eyisishiyagalombili uze ubadlwengule nje. Ubuzitshela ukuthi uzokwazi ukuphunyuka kule mikhuba yakho njengoba ububadlwengula ezindaweni ezehlukene bese uyabaleka uma sekuphuma iqiniso ngemikhuba yakho.
“Ufanele ukuvalelwa isikhathi eside,” kusho uMaharaj.
Ube semgixabeza ngodilikajele abahlanu ngamacala okudlwengula abafana, iminyaka engu-15 ngamacala okunukubeza ngokocansi, neminye engu-10 ngokunukubeza abantu abancane ngokweminyaka.
Ngokobufakazi obusenkantolo angu-21 amacala athinta ucansi abebekwe wona.
Lapha kubalwa abafana abangu-13 okuthiwa wabahlukumeza ngezindlela ezihlukene ngokocansi, abahlanu baneminyaka engaphansi kwengu-12, abanye abangaphansi kweminyaka engu-16.
UShandu owakhula ekhaya lezintandane kuthiwa lo mkhuba uwuqale esehlala eFrance eMgungundlovu lapho ebeqoqa abafana, ecasha ngokuthi uyikholwa, uqotho futhi abazali balaba bafana bemethemba.
Omunye wabafana obe isisulu uyingane kamfundisi, obehlalisa uShandu kwakhe ngoba ethi uyintandane.
Lo mfundisi wayehlose ukumkhulisa njengengane yakhe.
Kuthiwa imikhuba wayeyigila endlini yakhe, abakhothise isitho sakhe sangasese. Nabo abakhothe amatotolozi nezinqe.
Abanye ubebabukisa i-video yocansi bese ethi abazithintathinte izitho zangasese.
Omunye ijaji elikhale ngokuthi uhlukumezeke ngendlela enobulwane, ngumfana waseThekwini, owadlwengulwa uShandu beshintshana noninalume.
Lo mfana baphinde bathi akababukele begila umkhuba benoninalume.
“Lezi zingane zazingenacala wena wazihlukumeza ukufeza izinkanuko zakho zocansi, wazehlisa nesithunzi. Kumanje zisele nezibazi esingazi zizophola kanjani. Sizwile kwizitatimende ezifungelwe bethi bayazenyenza ngowakwenza. Uze uhlanganyele enye yalezi zingane nonyokolume niyidlwengula. Lokhu ngeke kuphinde kuphele emqondweni walaba bafana, ubabulele,” kusho uMaharaj.
UShandu ezikhalela ngomlomo kammeli wakhe uMnuz Irshad Khan, uthe yena wakhulela ekhaya lezintandane kanti abekwenza ubezitshela ukuthi kujwayelekile ngoba kwakwenzeka nakuye.
Ngokwakhe uthe ubengaliboni iphutha ngoba bebevumelene nalaba bafana.
Uphinde wacela ijaji ukuba lishaye umthetho wokuba aboshwe eWestville, kwingxenye yejele lapho kuhlala khona iziboshwa ezithandana nobulili obubodwa.
Ijaji lithe alinalwazi ngalolu hlelo lwasejele lathi isicelo sifakwa kuphela uma isiboshwa sisengozini kanti abukho ubungozi uShandu akubo obungenza lishaye lo mthetho.
Ijaji lithe ejele uShandu kumele athole izinhlelo ezizomsiza kule nkinga anayo kwezocansi njengoba ezisholo yena enkantolo ukuthi uncamela ukulala nabafana abancane.