INKANTOLO yesiFunda eMpangeni igwebe indoda (30) iminyaka ewu-20 ngokudlwengula umshana wayo (11) ngoDisemba nyakenye.
Kuthiwa yabamba umshana wayo yamdlengulela ekamelweni layo. Umshana wabe esebika isehlo ezinganeni zakwabo ezabe sezimphelezela wayovula icala emaphoyiseni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe kwavulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa eMpangeni. Icala lase lidluliselwa ophikweni oluphenya amacala athinta udlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi eMpangeni ukuze luphenye.
“Umphenyi wecala akazange achithe sikhathi wabopha indoda ngosuku olulandelayo, wagcinwa ngaphakathi kwaze kwabe kuphela icala. Uvele izikhawu ezehlukene enkantolo kwaze kwabe uyagwetshwa,” kusho uCol Mbele.
Uthe umdlwenguli akasavumelekile ukwenza umsebenzi ozomhlanganisa nezingane. Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabantu abenze amacala ocansi.