KULINDELEKE ukuthi igwetshwe namuhla yiNkantolo eNkulu yaseThekwini indoda elahlwe icala lokubulala nelokudlwengula owesifazane isidumbu sakhe esatholwa eceleni kwalapho yayihlala khona sinamanxeba.
UYaseen Khan (46) ubevele kule nkantolo izolo ngemva kokuthi ngoMsombuluko elahlwe amacala okubulala nokudlwengula uNksz Zamacenge Mngoma (34) waseCato Manor ngo-Ephreli nyakenye.
Bekulindeleke ukuthi ijaji uMnuz Meerchand Maharaj akhiphe isigwebo kodwa izethulo zommeli kammangalelwa nezomshushisi zenze wacela isikhathi sokuzicubungula ngaphambi kokukhipha isigwebo.
Ummeli kaKhan ucele ukuthi inkantolo imzwele uma isikhipha isigwebo.
“Wubaba wezingane ezimbili, eneminyaka eyisikhombisa neneminyaka emihlanu. Ungumuntu isimo sakhe somnotho esingesihle ngoba ubezizamela esebenza ezitolo kanti ukhule engenabo abazali. Unonyaka nezinyanga eziyisikhombisa esesitokisini,” kukhala ummeli.
Umshushisi u-Advocate K. Singh ubize udadewabo kamufi uNkk Belinda Khuzwayo ukuzochazela inkantolo ngesimo somndeni ngemva kokuthi kubulawe ilungu lawo.
Kube nomunyu enkantolo ngesikhathi echaza indlela yena, odadewabo nendodana kamufi eneminyaka ewu-12 abahlukumezeka ngayo ngalesi sigameko.
“Bekuwumuntu owondlayo ekhaya exhasa ngakho konke njengoba bekuwuyena osebenzayo. Manje njengoba ngishadile sekuphoqa ukuthi ngithi ngibheke emzini wami ngiphinde ngilekelele ekhaya ukwehlisa umthwalo ngihlinzeke odadewethu nengane yakhe ngezidingo,” kusho uNkk Khuzwayo.
Uthe ngemva kwalesi sigameko wayengena ephuma ezibhedlela ngenxa yokhwantalala okwaze kwaphoqa ukuthi adle imishanguzo izinyanga eziyisithupha. Uveze ukuthi omunye udadewabo waphoqeleka ukuthi ayeke isikole ngenxa yokuthi wayengasakwazi ukumelana nezifundo zakhe okwakudalwa yingcindezi eyayidalwa ubuhlungu benhliziyo ngokubulawa kukadadewabo.
Ekhuluma neSolezwe, uNkk Khuzwayo uthe umgilwa nomsolwa babengajwayelene njengoba kwakusaphele amasonto ambalwa uKhan efikile eCato Manor.
Kuthiwa uKhan ubecuphe ezihlotsheni zakhe eCato Manor kanti udabuka eMatatiele. Kuvele ukuthi uboshwe esagqigqa esiteshini samaphoyisa esayina njengoba ubephume ejele ngoFebhuwari ngonyaka odlule ngelinye icala agwetshwe kulo ngo-2016.
Kuvele ukuthi uyena owahlaba umkhosi ngokutholakala kwesidumbu kodwa umphenyi waqaphela okuthile kuyena, wamhlohla imibuzo eyenza ukuba avalelwe.