UGWETSHE iminyaka eyisishiyagalombili, kwalengiswa emihlanu, eminye emithathu uzobe eboshelwe endlini yakhe uSean Davidson, ngecala lokubulala.
Lesi sishoshovu esilelwa ilungelo lokuba abantu abafuna ukuphunyuzwa ngokubulawa kube semthethweni kuleli, ugwetshwe izolo enkantolo yase-Western Cape kulandela ukuzivumela icala lokubulala.
Ingxenye yesigwebo sakhe uzobe esebenza emphakathini, ngesikhathi esaboshelwe ekhaya.
Kubikwe ukuthi uDavidson uzivumele yena ukuthi wasiza abantu abathathu ukuba bashone.
Omunye walaba umngani wakhe uMnuz Anrich Burger, owakhubazeka emuva kwengozi yemoto.
UDavidson waba sematheni ngo-2010 emuva kokuphumuza unina ngokumbulala owayenesifo somdlavuza. Wamjova ngomjovo owambulala.
UDavison wasungula inhlangano yakhe ebizwa nge-Dignity South Africa, ngo-2011 eyayifuna kube semthethweni kuleli ukuba abantu bekwazi ukuvunyelwa bebulawe uma kunezizathu, ekubalwa izinhlungu zokugula.
Akukho emthethweni kuleli ukusiza umuntu osuke esefuna ukufa, ngokuthi umbulale.
Khonamanjalo amaphoyisa asePitoli akhathazekile kulandela ukutholakala kwabahlala emgwaqeni bebulewe. Bahlanu abantu abahlala emgwaqeni ekutholwe ukuthi babulewe ngendlela ecishe ifane futhi zalandelana lezi zigameko. Amaphoyisa asaphenywa.