ZESULIWE izinyembezi zikanina wosana olwebiwa lunesonto luzelwe ngenkathi inkantolo igweba owesifazane owaluntshontsha iminyaka engu-12 ebhadla ejele.
Inkantolo yesiFunda eMpangeni igwebe owesifazane (34) olivumile icala lokuthumba okwenzeka ePhaweni, eJozini ngo-2011. Uhhafu wesigwebo sakhe ulengisewe iminyaka emihlanu.
Encwadini abecela inkantolo imthambisele isigwebo, owesifazane uthi wangena kubo kwengane ebona izimpahla zayo zinekwe kulayini.
Wafike wazenza umsebenzi kahulumeni ozosiza unina wengane owayeneminyaka engu-16 ukuze athole umazisi nengane yenzelwe isitifiketi sokuzalwa bakwazi ukuthola imali yesibonelelo sikahulumeni.
Abazali bakanina wengane kuthiwa babeseGoli ngaleso sikhathi, umakhelwane ebabhekele okwenzeka kulo muzi.
Owesifazane kuthiwa wakwazi ukukhohlisa umakhelwane wagcina ehambe nonina wengane nengane baya edolobheni eJozini.
Sebesedolobheni kuthiwa wacela unina wengane wathi akayothenga into abazoyidla esitolo yena uzosala ambambele umntwana. Emva kwalokho kuthiwa washaya wachitha nomntwana wabheka eGoli,
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Kara, uthe indaba yonakale ngesikhathi owathumba ingane esehlukana nesoka lakhe, kwenziwa ulibofuzo phakathi kwengane nowesilisa okwavela ukuthi akuyona eyakhe.
“Owesifazane waveza ukuthi ingane wayeba ngoba wayebathanda abantwana kodwa engenabo abakhe. Wathi wayefuna ukumenza owakhe unomphela umntwana amntshontsha,” kusho uNkk Kara.
Uthe enkantolo kwavela ukuthi unina wengane wayekhala ubusuku nemini efuna usana lwakhe engalutholi, efuna yonke indawo kangangoba kwakuthi uma kunengane etholakalayo, anikele khona eyobheka ukuthi akuyona yini eyakhe. Uthe nomndeni kanina wengane wachitha itshe lemali uyofuna usizo kubantu ababonayo ungalutholi.
Kuthiwa unina wengane akafuni lutho oluzomhlanganisa noweba usana lwakhe.