YIZE abantu bezama ukulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane, indoda engumculi wokholo igwetshwe iminyaka ewu-19 enkantolo ngokushayisa ngemoto isithandwa sayo yasibulala.
Inkantolo ithole ukuthi isithandwa sabulawa sizama ukubalekela isoka laso emuva kwengxabano emayelana noR1 200 wokuqasha .
Owesifazane wabaleka waya komakhelwane eyocela usizo ngoba esaba ukuthi isoka lakhe lizomshaya.
Umbulali enkantolo ubebizwa ngoMr M kuphela. Utshele inkantolo ukuthi uziphilisa ngokuba wumculi wokholo, udayisa ama-albhamu bese ethola enye imali ngokucula emicimbini nasemakhonsathini.
Umbulali (27) wabulala isithandwa (46) esishadile esinezingane ezine.
Inkantolo ithole ukuthi umyeni wowesifazane ubengazi ukuthi uqomile. Ngesikhathi ebulawa umyeni wakhe wayengaphandle kwezwe. Umbulali kuthiwa wabe esevakashela lo wesifazane emzini wakhe.
Ijaji uHein Brauchkmann eNkantolo eNkulu eMiddelburg, lithe umbulali ungumuntu wenkolo kodwa wenze okungafani nokuba wumzalwane.
“Ubulale owesifazane owathi uyamthanda. Umbulala ngesihluku usebenzisa imoto yakhe njengesikhali ukuze umbulale,” kusho ijaji.
Ngokusho kombulali, owesifazane wamthethisa ngodaba lwemali yokuqasha maqede wamdudula. Umbulali wabe esembamba ngezandla kodwa waphunyuka wabalekela kamakhelwane.
Umbulali wathatha imoto yakhe wamlandela waze wamfica wamshayisa.
Wavaleleka ngaphansi kwemoto waze wasizwa ngabantu abamkhipha. Abantu bazama
ukumhlenga kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya, washona.
Umbulali wathi wayelokhu ehleli nesidumbu sikamufi kwaze kwafika amaphoyisa ambopha.
Umbulali utshele ijaji ukuthi uyazisola ngakwenza wathi akasakwazi nokulala ebusuku ulokhu ebona isithombe sikamufi.
Uthe uyazisola ngokujola nonkosikazi womuntu.
Enkantolo ngesikhathi kuvezwa izithombe zikamufi, uvele wadinda isililo, exolisa nakumyeni walo wesifazane ngokujola naye.
Ijaji lithe lo wesifazane wayemthemba umbulali njengoba wayehlala naye emzini wakhe futhi ezimisele ukuthi ahlukane nomyeni wakhe abase beshade naye iminyaka engu-28, kodwa yena wakhetha ukumbulala.
– AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)