IGWETSHWE iminyaka engu-15 ibhadla ejele indoda eyangena ihlomile esakhiweni sakwaFidelity, eVryheid yashaya yachitha nemali engaphezu kukaR12 million.
UMgeyi Gumede ugwetshwe yiNkantolo eNkulu eMadadeni, ngoLwesibili. UGumede nozakwabo kuthiwa babehlome beyizingovolo ngesikhathi bengena lapho kugadwa khona imali, bakhomba onogada ngezibhamu.
Okhulumela oKlebe kuzwelonke, uColonel Katlego Mogale, uthe abasolwa babaleka nemali engaphezu kukaR12 million.
“Uphenyo olunzulu lwamathimba oKlebe aseRichards Bay naseNewcastle, lwaholela ekutheni kuboshwe uMbuyiseni Mthembu emva kwesigameko. Kwatholakala ukuthi uMthembu owayewunogada, wahlanga nabangani bakhe ukuze kwenziwe lobu bugebengu,” kusho uCol. Mogale.
Kwathi ngoSepthemba 2019, kwaboshwa uGumede wavela enkantolo kodwa wanqatshelwa ibheyili. Wagqigqa inkantolo engaphakathi ezikhindini ezimnyama. UCol. Mogale uthe uGumede ulahlwe yicala ngenyanga edlule, wahlulelwa ngoLwesibili enikwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele.
“UGumede ugwetshwa nje uMthembu uvele udonsa isigwebo sakhe ejele,” kusho uCol. Mogale.
Inhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona ibashayele ihlombe abaphenyi nabashushisi ngomsebenzi omuhle oholele ekugwetshweni kukaGumede. Ugqugquzele ukuthi baqhubeke nomsebenzi wabo baqinisekisa ukuthi buyenziwa ubulungiswa.