Kugwetshwe owabanjwa nezidakamizwa zohlobo lwemandrax ecashe endlini yenja
Image: Sigciniwe
INkantolo yeSifunda eMadadeni igwebe uMduduzi Jerome Kunene (57) iminyaka ewu-15 ebhadla ejele kulandela ukulahlwa yicala lokushushumbisa izidakamizwa.
Iminyaka ewu-5 yesigwebo ilengiswe iminyaka ewu-5 ngombandela wokuthi angatholakali ecaleni elifanayo kule sikhathi.
Ngo-11 Okthoba 2023 Ithimba lamaphoyisa elaliholwa wu-Warrant Officer Mfanufikile Nyembe lagasela endlini ese-section 3 eMadadeni lathola ukuthi kubiyiwe ngocingo olusikayo kwafakwa wamabhodlela afile ngaphezulu.
Amaphoyisa amemeza efuna ukungena kodwa uKunene walunguza wase eyabaleka wamyamalala. Amaphoyisa asebenzisa amathuluzi okugwabula angena. Amaphoyisa ayehlome ngencwadi ewagunyaza ukusesha. Angena athola uKunene ecashe endlini yenja. Amaphoyisa acela ukusesha indawo wavuma uKunene.
UKunene wayeyedwa endlini ngesikhathi kugasela amaphoyisa. Kwavundululwa izidakamizwa endlini yenja nasemapayipini.
Amaphoyisa athola i-Mandrax ewu-1851, i-Mandrax ewu-38 ewuhhafu nemali ebalelwa kuR 1300. UKunene waboshwa wathwesa icala lokushushumbisa izidakamizwa.
Umshushisi uZama Zikalala ubize ungoti owacubungula izidakamizwa waqinisekisa ukuthi i-Mandrax. Kubizwe nomabhalane obhekene ubufakazi obusuke butholwe kubasolwa kwabizwa nabanye abasebenzela I-SAPS.
UKunene ukuphikile ukuthi watholwa nezidakamizwa wathi zafika namaphoyisa. Kwavakashelwa indawo kwaqinisekiswa indlu yenja namapayipi.
Umshushisi ekhonga isigwebo esiqinile, uthe izidakamizwa zidala abantu babe yimilutha, ubugebengu nenhlupheko.
Uthe izigwebo eziqinile kubashushumbisi kungayinqanda inkinga yokusabalala kwezidakamizwa.
UKunene ugwetshiwe ngaphezu kwalokho, inkantolo inqume ukuthi ummangalelwa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.