ABAHOLI be-ANC eDumbe, KwaZulu-Natal, bathi sebeyesaba ukukhankasa ngemuva kokuthelwa ngesibhaxu kwamavolontiya abo okuthiwa ashaywe amalungu omphakathi abewafuna intuthuko kagesi ngenkani ngesikhathi ekhankasa.
Lokhu kuvele izolo ngemuva kokugwetshwa kwelungu lomphakathi wasoBivane uMdavu Cilo (29) iNkantolo yeMantshi ePaulpietersburg ngecala lokulimaza uMnuz Sipho Madonsela we-ANC kukhankaswa.
UCilo ugwetshwe izinyanga ezingu-18 noma inhlawulo kaR3 000.
UNksz Dudu Mngomezulu ongumholi we-ANC nekhansela laku-ward 1, oBivane uthe bebekhankasa ngokuthula endaweni base behlaselwa umphakathi ngesonto eledlule wabashaya. “Kuthe uma abantu beqala bekhombisa udlame kumavolontiya ethu bewafuna intuthuko kagesi ngenkani, avele abaleka angena emotweni. Ngebhadi uMadonsela ubesele nelinye ivolontiya besangene komunye umuzi nokuthe uma bephuma umphakathi wabahlasela, bashaya uMadonsela ngesagila. Bamshaye enhlafunweni nasekhanda waba nengozi, wawa washayeka ematsheni ngoba indawo abekuyo iyintaba. Kuyaxaka ngoba uhlelo lukagesi abakhala ngalo seluqalile ezindaweni eziningi, wukuthi nje alukafiki kubo kodwa luyeza ngoba bafakiwe nabo. Okusijabulisayo ukuthi umuntu oshaye uMadonsela ugcine egwetshiwe.”
Omunye wamavolontiya kaKhongolose endaweni, uNksz Bongiwe Zwane uthe sebeyasaba nokukhankasa ngoba sebeyethuka uma bebona umphakathi uhleli uyiqeqebana ngoba abazi uzobenzani.
“Kunzima ngempela manje ukukhankasa kule ndawo yakithi ngoba bayasishaya basibuze intuthuko. Nobuholi sibubikele yingakho udaba lukaMadonsela lusukunyelwe nawumthetho waluphuthumisa wagcina uCilo egwetshiwe. Silekelelwe ukungenelela kweMeya uMajuba Mavuso nomholi ojutshwe lapha kithi uMnuz Amon Zondi abebehla benyuka befuna ubulungiswa ngokulinyazwa kukaMadonsela,” kuchaza uNksz Zwane.
UMadonsela usephumile esibhedlela saseDumbe abengeniswe kuso kanti uthungiwe lapho ebelimele khona.
IMeya, uMavuso ithe bashaqekile ngalesi sigameko ngoba ikhansela uMngomezulu lisebenza ngokuzikhandla ukuletha intuthuko kule ndawo kodwa umphakathi usuphenduke wahlulwa ukubekezela.
“Ikhansela elizihluphekelayo leli lasemapulazini elihlale likhala njalo ngentuthuko yabantu balo kodwa kuyasishaqisa uma sekukhona asebeshaya amavolontiya befune kuwo intuthuko ngendlela ebuhlungu kanje kuze kushawe abantu. Kumanje siyaqhubeka nokwethula uhlelo lukagesi kule ndawo njengokwezinhlelo zomkhandlu wethu waseDumbe,” kusho uMavuso.