Izindaba

UGumede uphika eyokufuna ukubuyiselwa kwesobumeya

Sihle Mavuso|Published

OWAYEYI-MEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede. Isithombe: Motshwari Mofokeng/ANA. OWAYEYI-MEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede. Isithombe: Motshwari Mofokeng/ANA.

OWAYEYI-MEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede usekuchithile ukuthi ugaqele isikhundla sobumeya uma sekuphothulwe ukhetho lukahulumeni wasekhaya ngo-2021. 

Ngokwemibiko, uGumede, obalwa eqhulwini nabantu abangase baphathe isifunda se-ANC eThekwini uma lenhlangano isibambe inkomfa yokhetho ngonyaka ozayo, ufuna ukubuyela isibili esikhundleni sobumeya. 

Esitatimendeni esikhishiwe, uGumede uthe lemibiko ayinasisekelo, iyadukisa futhi ibukela phansi umsebenzi we-ANC kanye nenqubomgomo yokuqokela abasebenzi ezikhundleni. Uthe izinkomfa zokhetho ezibanjwa yi-ANC azihlangene nezikhundla zobumeya, ukuqokwa kwabasebenzi kanye namathuba emisebenzi kodwa ziyindlela yokuthi lenhlangano iqhubeke nokuhola umphakathi. 

“Iqhaza le-ANC kuleli dolobha lingaphezulu kokuhola umasipala. Inhlangano iyazigqaja ngokusimamisa nokuthuthukisa idolobha, ukusebenzisana nohulumeni kuzwelonke nakwizifundazwe, ukusebenzisana namabhizinisi kahulumeni, abalingani basemphakathini, osomabhizinisi, abaxhasi abakhona edolobheni kanye nomasipala,” kuchaza uGumede.  

Ngokusho kukaGumede, inkomfa izokwenziwa ngendlela ezogqugquzela ubumbano kumalungu enhlangano. 

“Inkomfa ezayo akuyona eyokuqala kwi-ANC futhi angeke kugcinwe ngayo. Akuyona into ewukuphela komhlaba njengoba kubikiwe. Lapha kuzobe kufana nesikole sepolitiki, sicobelelana ngolwazi njengoba kuzobe kuhlangene osopolitiki abafuna ukubona inhlangano ibumbene. Inkomfa akumele ichazwe njengomncintiswano wokuthola umsebenzi, i-ANC akuyona inhlangano yokuqasha abantu,” kuchaza uGumede. 

Lenkomfa elindelwe ngabomvu bekumele isingathwe kulonyaka kodwa yahlehliselwa unyaka ozayo. Ababheke ukuqokelwa ezikhundleni kukhona uMnuz Thabani Nyawose, ongumlandeli kaRamaphosa wokuqina. UNyawose wabamba elikhulu iqhaza kubhekwe kwinkomfa ye-ANC eyayiseNasrec ngo-2017.