UNGQONGQOSHE wezamaBhizini kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan, usekuphikile ukuthi wazama ukunxenxa uMengameli wamaJaji kuleli uMogoeng Mogoeng, nathe uyamhlonipha kakhulu.
Isitatimende asikhiphe ngokushesha emuva kokuvela kokuthi wabuza uMogoeng ukuthi wenze kanjani umngani wakhe iJaji Dhaya Pillay, kwinhlolokhono yamajaji kwiJudicial Service Commission (JSC).
UGordhan uthe uMogoeng wavuma ukuba bahlangane eKapa ngo-Ephreli 6 2016, ukuze baxoxe ngodaba oluthinta isabelo mali.
“Ngangifuna ukuthola ulwazi ngokumele ngikwenze ngodaba lezindleko nokuthi kumele ngiklame kanjani izindleko njengoba inkantolo yoMthethosisekelo yayibeke izinsuku ezingu-60 ukuba ngenze isinqumo.”
Ngobudlwelwane bobungani noJaji Pillay uGordhan uthe: “UJaji Pillay umngani neqabane lami. Wayeshade nomufi uYunus Mahomed (owashona ngo-2008), futhi wayeyisishoshovu ngesikhathi sobandlululo esasisebenza kakhulu naye kumzabalazo kwi-UDF ne-ANC ngeminyaka yama-70 nangama-80.”
Uthe kuthe sebeqedile ukukhuluma indaba ethinta izimali nokuthinta amaJaji, wabe esebuza ngenhlolokhono kaJaji Pillay kwi-JSC, uMogoeng wamphendula, wabe esehamba.
“Angizange ngihlangane noMogoeng ukuzokhuluma udaba lukaJaji Pillay. Udaba lukajaji Pillay lwaba yiphutha ngoba kwakungeyona ingqikithi yomhlangano. Yize kunjalo, ngesikhathi sihlangana naye washo ukuthi into esiyaziwa umphakathi ukuthi uJaji Pillay akazange awuthole umsebenzi,” kusho uGordhan.
Khonamanjalo iPhini likaMengameli we-EFF uMnuz Floyd Shivambu, lithe inkohlakalo ayibandakanyi imali kuphela kodwa nokusebenzisa amagunya ngendlela engafanele ngoba nakhu unamandla. Ubesho lokhu engaphandle kwesiteshi samaphoyisa iHillbrow izolo, lapho ebezovulela uGordhan icala le nkohlakalo.
“Size lapha ukuzovulela uGordhan icala le nkohlakalo ngoba wazama ukuthi kuqokwe umngani wakhe, okuphambene nomthetho,” kusho uShivambu.
Uthe uwakhumbuzile amaphoyisa ukuthi i-EFF yavula elinye icala esiteshini sase- Brooklyn ePitoli, bevulela uGordhan icala lokushushumbisa imali, nenkohlakalo.
“Akuphelele ngokuvula icala kodwa sizobhalela uMvikeli woMphakathi ukuba aphenye ngoba uzame ukunxenxa uMogoeng, wazenza umuntu oyokhuluma ngomsebenzi kodwa ebe azi ukuthi ufunela umngani wakhe umsebenzi. Uphule umthetho wezokusebenza kongqongqoshe,” kusho uShivambu
Uthe bazophinde bambike ekomitini elilawula ukuziphatha ePhalamende.
Ihhovisi likaMogoeng alizange liphendule imibuzo elithunyelwe yona ngalolu daba.