IVUME icala indoda yaseThekwini eyatholwa nekhanda lowesilisa eyayizama ukulidayisela inyanga. Inkantolo enkulu yaseThekwini ngoMsombuluko ithole uPhilani Siyabonga Jojisa enecala.
Uthe wayekweleta umashonisa uR 6000 wayesedayisa ikhanda likaMnuz Thembinkosi Mzimakwe (34) ukuze athole imali. Ngo-Agasti 3, 2017 uJojisa watholwa ephethe ikhanda lomuntu kubhakha emakethe ekuWarwick.
Abemangalelwe naye uLehlohonolo Swartbooi uliphikile icala. Kuthiwa uSwartbooi wayeyingxenye yetulo lokuthi kutholwe ikhanda lomuntu futhi wayekhona kubulawa uMzimakwe.
UJojisa waya enyangeni uMnuz Lucky Khuzwayo eyobuza ukuthi uyazisebenzisa yini izicubu zomuntu uma elapha wathi uzomnika ikhanda ngoR20 000.
UKhuzwayo wathi angalithatha ikhanda lomuntu. UJojisa utshele inkantolo esitatimendeni sokuvuma icala esifundwe wummeli wakhe ukuthi wayenenkinga yemali engakwazi ukondla umndeni wakhe, unina wengane yakhe nengane eyayisanda kuzalwa. Uthe indodakazi yakhe yayinezinyanga ezintathu ngaleso sikhathi. Uthi wayehola uR750 efemini ayesebenza kuyo.
“Ngagcina sengifuna usizo komashonisa. Ngaboleka imali komashonisa abane ngagcina ngibakweleta uR6 000. Yize ngazama ukubakhokhela kodwa ngangehluleka, ngase ngiqhamuka necebo lokuthi ngingayithola kanjani imali. Ngakhumbula ukuthi ngike ngizwe ukuthi kukhona abantu abathenga izicubu zabantu ikakhulukazi izinyanga bazisebenzisele umuthi. Nganquma ukuthi ngizobulala umuntu ngidayise izicubu enyangeni.”
Uthe waya kuKhuzwayo inyanga watshela noSwaartbooi ngomhlangano wabo.
“Sobabili sasixakekile ukuthi sizolitholaphi ikhanda lomuntu ukuze sithole uR20 000.”
Ngosuku ababulala ngalo uMzimakwe uthe baphuza ibhodlela leSmirnoff ethaveni kanti ngaleso sikhathi benoSwartbooi babexoxa ukuthi bazolithola kanjani ikhanda, kwase kufika uMzimakwe owaziwa ngoRhuu endaweni.
Baliqeda ibhodlela bakweleta eleBells. Baphuza waze waquleka ethaveni uMzimakwe. Banquma ukuthi babulale yena.
Uthe waya endlini yakhe wathatha ummese nobhakha nocwazi olungenalutho. Uthe bayisa uMzimakwe ehlathini elikude nethaveni bafike bamnquma ikhanda lahlukana nomzimba. Uthe uSwaartbooi wayebambe uMzimakwe.
“Ngaya ekhaya nekhanda. Ngafica intombi yami ilele, ngashitsha izingubo ngayozilahla emfuleni ukuze intombi yami ingaziboni. Ngase ngiyalala.”
Ekuseni uthe wafonela uKhuzwayo emtshela ukuthi uselitholile ikhanda wahlela ukuthi uzolihambisa endaweni yokupaka izimoto emgwaqweni uSmall.
Uthe esalindile kwafika amaphoyisa ambopha. Uxolisile emndenini ngobuhlungu abazwise bona. UJojisa kulindeleke ukuba agwetshwe namuhla.