Izindaba

Ugogo (70) ubhale incwadi eqhakambisa amandla enkolo yobuKristu

Simangaliso Ntshangase|Published

UKUKHOLELWA ekutheni ubengeke afike esigabeni sempilo akusona manje nokuthi konke adlule kukho empilweni kungamandla kaNkulunkulu, yizona zinto ezigqugquzele uNkk Thembsie Mchunu ukubhala, ashicilele incwadi yakhe eqhakambisa amandla obuKristu.

UNkk Mchunu (70) waseMaqeleni, Eshowe, enyakatho yeKwaZulu-Natal, usanda kukhipha  incwadi esihloko sithi Receiving The Call: Trusting God's Lead, ayibhale ngokubambisana nangosizo lwendodana akhe encane uMnuz Zabalaza Mchunu (37), omchushise kokuningi.

Engxonxweni neSolezwe Ngempelasonto, uNkk Mchunu uthe uqale ukubhala le ncwadi kusukela ngo-2020, engajahile kangako ukuyishicilela, ekade ezenzela nje, futhi engazitsheli ukuthi kungagcina kuyincwadi, njengoba ize yaqala ukudayisa ngo-Ephreli 27.

UNKK Thembsie Mchunu nendodana yakhe uMnuz Zabalaza Mchunu, bencwadi esihloko sithi Receiving The Call: Trusing God's Lead

Image: SITHUNYELWE

"Ngenkathi ngiqala ukubhala le ncwadi, bengingazi ukuthi kungagcina kuba yincwadi ephelele njengoba sekwenzeka manje, ngangizenzela nje ngizibhalela ngohambo lwempilo yami ukuthi ngikhule kanjani, ngiveza futhi ngibabaza amandla kaNkulunkulu engimkhonzayo ukuthi ungisize kanjani ukungibeka esigabeni engikusona manje empilweni.

"Izinto ziqale ukushintsha ngenkathi eminye yemibhalo engangiyigcine kwi-laptop yami ibonwa wumfana wami - owagculiseka kakhulu ngawo, wase ecela ukungisiza ukuqhubeka kuwona - wangicebisa ukuthi sisale sesenza kube yincwadi ephelele," kusho uNkk Mchunu.

Eqhuba, uthe kule ncwadi ugqamisa amandla kaNkulunkulu ukuthi amsize kanjani futhi kangakanani ukumelana nezimo zempilo yakhe kusukela ebuncaneni bakhe njengoba kwathi esemncane waphoqeka ukunakekela umfowabo nonina, emva kokushona kukayise.

"Ngihluba udlubu ekhasini nangokuthi impilo yami ishintshe kangakanani ngenkathi ngigana umfundisi ngineminyaka ewu-20, bese ngiveza futhi ngiqhakambise ukuthi lokho kube lula kangakanani ngenxa yokukholelwa emandleni eNkosi uJesu - nokunye okuningi nje engibe nakho empilweni kuze kuzofika kule minyaka engikuyona manje, engibona nengikholwa wukuthi bekungeke kwenzeke ngaphandle kokusizwa wuNkulunkulu," usho kanje.

Uthe incwadi yakhe ibiza uR250 kwabayidingayo kuyena, kanti iyatholakala futhi ku-Amazon.