ISALUKAZI esineminyaka ewu-101 saseMzingazi, eRichards Bay, esigomele iCovid-19, izolo sithi sisinde ngomusa kaNkulunkulu kade sihaqwe yileli gciwane.
UNkk Chithekile Hlabisa, uMaGumede, onesifo senhliziyo, uke walala amasonto amane esibhedlela eNgwelezane ephethwe wukhuvethe. Ungomunye wabantu abadala abahlala ngaphansi kukaMasipala uMhlathuze abagonyelwe ukuvikela leli gciwane.
Uthe wayezitshela ukuthi ngeke asinde ngenxa yokuthi usekhulile futhi unesifo senhliziyo kodwa uNkulunkulu wamandisela izinsuku zakhe, waphuma ephila esibhedlela.
Walahlekelwa yindodakazi yakhe, uNksz Nelisiwe Hlabisa, ngayo iCovid-19.
Uthe: “Wumusa kaNkulunkulu nje ongigcine ngaze ngaba ngaka. Ngibonga uMdali ngalesi sikhathi anginike sona sokuphila emhlabeni. Umgomo bengiwulindile. Ukuguliswa yileli gciwane kuyisiwombe esesabisayo futhi esinzima. Ngijabule kakhulu njengoba sengigomile manje. Ngifisa ukugqugquzela abanye abantu abangangami nabangaphansi kwami ukuthi nabo bagome. Benginakho ukwesaba ukugoma kodwa kuthe uma ngichazelwa kahle ukuthi umgomo usebenza kanjani ngase ngithatha isinqumo sokuthi ngizogoma," kusho ugogo uHlabisa.
IMeya kaMasipala uMhlathuze, uMnuz uMduduzi Mhlongo, ibonge ugogo uHlabisa ngokuba yisibonelo esihle yamupha izipho.
“Kuyasijabulisa ukuzwa ukuthi ugogo uHlabisa kule minyaka akuyo ukwazile ukunqoba leli gciwane okwaziwayo ukuthi ligadla kuzwele kubantu abadala. Ukuqinisela kwakhe akwazi ukunqoba kuyakhuthaza futhi kunikeza ithemba lokuthi noma ngubani angakwazi ukunqoba uma elandela imigomo ebekwe uhulumeni," kusho uMhlongo.
Uqhube wathi zingaphezulu kuka-20 izikhungo zokugomela lolu bhubhane kulo masipala.