UMSHAYELI webhasi eliginqike ladlula nemiphefumulo yabangu-9 ku-Alma Road, eWelkom, eFree State, ukhethe ukuzibulala kulandela le ngozi.
Ngokokhulumela umnyango wezeMpilo eFree State uMnuz Mondli Mvambi, umshayeli oneminyaka ewu-31, uzilengise esihlahleni ngebhande alisike kwisihlalo sebhasi.
“Umshayeli uzibulele ngemuva kokubona umonakala odalwe yinhlekelele, nokuthi abantu balimale kangakanani. Sicabanga ukuthi ubezisola yena ngabashonile wakhetha ukuzibulala,” kusho uMvambi kwiphephandaba lansuku zonke lesiNgisi iSowetan.
UMvambi uthe waze ngabashonile ngemuva kokukhuluma nabezimo eziphuthumayo. Kuthiwa usuke enganakiwe endaweni yesigameko wayozibulala.
Uveze nokuthi abanye abagibeli bese bebazisile abezimo eziphuthumayo ukuthi umshayeli ubeqophisana nabagibeli ababezitshela ukuthi uyaduka.
“Abagibeli bathe umshayeli akahambanga ngendlela efanele, besaphikisana ngalokho, ushayise ipavement ibhasi laginqika.
Kubikwa ukuthi leli bhasi liginqike ngabo 5 ekuseni, kwashona 9, kwalimala abawu-45, abawu-11 babo abasesimeni esibucayi ezibhedlela. Kwabashonile kubalwa izingane ezintathu.
UMvambi uthe leli bhasi belisuka eThekwini, lizoma eWelkom bese lidlulela eBloemfontein.