UNGQONGQOSHE weziMali uMnuz Malusi Gigaba uthe ufuna uphenyo olunzulu ngokwenzeka enkampanini iSteinhoff emuva kokuvela kwamahlazo okungaphathwa kahle kwamabhuku kule nkampani enezitolo zefenisha nezezimpahla zokugqoka.
UGigaba uthe ufuna ukwazi ukuthi imali yezimpesheni yabasebenzi iphephile njengoba kusaphenywa ngokwenzeka kule nkampani.
ISteinhoff yinkampani kamacaphunakusa uMnuz Christo Wiese kanti iphinde ixhase nebhola lombhoxo.
Kuleli sonto isikhulu esiphezulu sakwaSteinhoff uMnuz Markus Jooste usulile emsebenzi kwehla intengo yamasheya.
UMnuz Steven Nathan oyisikhulu esiphezulu kwa-10X Investments uthe okwenzeka kwaSteinhoff kuzolimaza abatshale imali yabo ezimpeshenini.
Uthe isikhwama sabasebenzi bakahulumeni iGovernment Employees Pension Fund (GEPF) sizoshayeka kakhulu.
“ISteinhoff ibihamba phambili emuva kokuthenga izinkampani zase-Europe kodwa okwenzeke khona kuzothinta wonke umuntu otshale imali. Kuvela ukuthi amabhuku ebengaphethwe kahle eGermany,” kusho uNathan.
Ibhodi lakwaSteinhoff likhulume nabakwaPWC ukuthi baphenye udaba lwamabhuku kanti bangase badayise nempahla yabo ebiza u-€1billion ngoba baxakekile
- AFRICAN NEWS AGENCY