Izindaba

Ugesi ungase unqamuke ngokwesigaba sesithupha: Eskom

Boniswa Mohale|Published

Ugesi ungase unqamuke ngokwesigaba sesithupha: Eskom, isithombe: Dumisani Sibeko

UNGASE unqamuke ngokwesigaba sesithupha ugesi kusukela ngehora lesihlanu namhlanje ngenxa yokufa kwemishini ewu-10 eziteshini ezihlukene ze-Eskom nesiteleka sabasebenzi esingekho emthethweni.

Isikhulu esiphezulu se-Eskom, uMnuz Andre de Ruyter, siveze ukuthi noma imishini isilungile kodwa abakwazi ukuyixhuma ohlelweni lokuphehlwa kukagesi ngenxa yesiteleka sabasebenzi.

“Sifelwe yimishini eminingi, okusho ukuthi kuzokwanda ukwesweleka kukagesi, okuzokwenza ukuthi sinyuse isigaba sokuwunqamula ugesi sisuke kwesesine siye kwesesithupha. Okwamanje eziteshini zethu ezithikanyezwe yisiteleka kusebenza izimenenja. Asikwazanga ukubuyisa ugesi owu-3 000MW ngenxa yokuthi asinabo abasebenzi ababhekele lokhu,” kusho uDe Ruyter.

Uthe uma kuwukuthi abasebenzi ababhekele umsebenzi bayabuya emsebenzini, kusho ukuthi ngeke ugesi unqamuke ngokwesigaba sesithupha kodwa uma bengabuyi ugesi uzonqamuka ngokwesigaba sesithupha.

Uveze ukuthi bayaxoxa nabaholi bezinyunyana ngoba bathole incwadi evimbela isiteleka kodwa siyaqhubeka. Ubuye wabacela ukuthi bakhulume nabasebenzi ukuze babuyele emsebenzini.